Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bayanyaniswa nobugebengu abalisa (5) ababulawe eNanda

Bayanyaniswa nobugebengu abalisa (5) ababulawe eNanda

by | 17 January 2025

BAYANYANISWA nezigameko zobugebengu nokuhlukunyezwa komphakathi abesilisa abayisihlanu okunezinsolo zokuthi babulawe ngamalungu omphakathi, usukhathele wukubekezelela ukuziphatha kwabo budlabha.

Izidumbu zabafi zitholakale zinamanxeba okushaywa nokugencwa enkundleni yezemidlalo eNanda, eThekwini, namuhla ngoLwesithathu ekuseni.

Kubikwa ukuthi abafi bangenelwe ngamalungu omphakathi, abezifihle ubuso, abakhipha ezindlini, maqede bayoshaywa, babulawa.

Bayanyaniswa nanezigameko zokunukubezwa ngokocansi kwabantu besifazane kule ndawo, okubikwa ukuthi bekudla lubi ngenyanga kaZibandlela (December) nyakenye.

Ingxenye yamalungu omphakathi akhulume naleliphephandaba, ngaphansi kombandela wokuba kugodlwe imininingwane yawo, iveze ukuthi indaba yabafi ibisibami emphinjeni. 

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...