Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umculi uchaza ngokubuya kwethemba ngemuva ‘kokudilizwa’

Umculi uchaza ngokubuya kwethemba ngemuva ‘kokudilizwa’

by | 25 June 2025


UMCULI we-gospel uNcamie Ngcobo uthi ukudilizwa enkampanini kaTshepo ‘Zuz’muzi’ Nzimande kwashabalalisa amaphupho akhe esikhathini lapho ayezibona esephumelele ngaso. Uthi ngesikhathi lo somabhizinisi ebabiza ebatshela ukuthi useyashiya kwezomculo usezogxila kumasingcwabisane. “Ngaphuma ngikhala ehhovisi likaTshepo, ngacabanga lapho ngivela khona nobunzima esengidlule kubona. Konke osekwenzekile kwangathi bekuyiphupho,” echaza. Lesi sitebele saziwa ngokuvundulula amaciko okubalwa kuwo Lundi Tyamara, uKholeka, uS’fiso Ncwane, uSechab, uShwii noMntekhala noThokozani Langa​.


Echaza ngohambo lwakhe kwezomculo uthi ukhule ekhaya ebelithanda umculo, kangangokuba nakubo bekuneqembu lomculo we-gospel ebeliqashwa emicimbini eyehlukene. Ngelinye ilanga uthi ebona abantu abadayisa umculo erenki, wagijima waya kubona wacela ukucula. “Banginikeza ithuba, saqala sarekhoda i-album ethi Ngihambise kahle. Ngikhumbula ukuthi ngaze ngathola ukuvela ohlelweni lukamabonakude iGospel Gold,” esho.


Uthi kuhambe isikhathi wagcina esehlangana noTshepo Nzimande, lapho aqopha khona ingoma ethi “Ngingumhambi”.
UNcamie ukhuza ibuya ngengoma ethi ‘Ngithandiwe’ ayicula noLindani Gumede athi abantu batshengisa ukuyithokozela. “Le ngoma ingeyawowonke umuntu oseke wadlula ezimweni ezithile. Mina ngibhekane nesimo sokushiywa abazala nengizalwa nabo abayi-6. Kuke kuhambe isikhathi ngizibuke ukuthi ngisale kanjani njengoba sengiyinhlwa, kepha ngikhumbule ukuthi ngithandiwe, Konke okwenzekayo kunguMusa kaNkulunkulu,” kuphetha yena.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...