Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuqalile ukuqulwa kwecala lababanjelwe imiphumela kaMatric

Kuqalile ukuqulwa kwecala lababanjelwe imiphumela kaMatric

by | 1 March 2025

YISIKOLE saseMtshezi iBhekathina High, esabanjelwa imiphumela kamatikuletsheni ngenxa yezinsolo zokukopela kwabafundi baso.

KUQALILE ukuqulwa kwecala labafundi abebefunda umatikuletsheni eBhekathina High School, eMtshezi. Laba bafundi babanjelwe imiphumela yabo ngenxa yezinsolo zokuthi bakotshelisiwe ngesikhathi kubhalwa izivivinyo zokuhlolelwa ukuphela konyaka.

Bebewu-106 sebebonke ababhekene naleli cala, kodwa abane sebenikeziwe imiphumela yabo.

Ngokuthola kweLANGA, laba abanikeziwe kuthiwa yizona iziqengqe eziphase kahle kakhulu zonke izifundo, okutholakale ukuthi zimsulwa kuleli cala, uma kubhekwa ukuphasa kwazo. Selokhu ibanjiwe imiphumela yalaba bafundi, bekuqala ngesonto eledlule ukuba babizelwe esigcawini sokuphekwa ngemibuzo ngalezi zinsolo.

“Abafundi babizelwe kwesinye sezikole edolobheni lakule ndawo ngoba bekungafanele baphenyelwe esikoleni. Sisalindile-ke, asazi ukuthi uphenyo luzothatha isikhathi esingakanani,” kusho umthombo.

Phakathi kwezifundo okusolwa ukuthi babanjelwe kuzona imiphumela abafundi, yiMaths. Omunye wabafundi oyingxenye yalaba abasolwayo, uthi ukubanjwa kwemiphumela yabo sekuphazamise izinhlelo zenqubekela-phambili emfundweni yabo.

Utshele leli phephandaba ukuthi bafisa luphothulwe ngokushesha lolu daba, ukuze bezozama ukufaka izicelo zokubhalisa emanyuvesi ngoNhlangulana (June).

“Ibuhlungu le nto esibhekene nayo, kunzima nokukhuluma ngayo,” esho.

Kunezinsolo eziqinile zokuthi abafundi bakopelile. Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi ngesikhathi bebuzwa abafundi kulesi sigcawu, bonke baphikile ukuthi balekelelwa ngesikhathi bebhala.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi icala lokukopela linesigwebo esithinta uthisha obegadile ngesikhathi kubhalwa, uthisha obasizile abafundi wabakopelisa, bese kuba ngabafundi.

“Abafundi uma bekotsheliswa ngesikhathi kubhalwa, kuyobasiza ukuthi basheshe bavume icala ngoba ukuphika kwabo, wukuzibambezela lokho,” kusho uMahlambi.

Utshele ILANGA ukuthi izobanjwa imiphumela kuze kuphothulwe uphenyo.

“Ukuphenywa kwecala lokukopela kudlula izigaba eziningi. Yingakho sihlezi sibanxusa abafundi ukuba bangavumi ukulekelelwa uma bebhala ngoba bazobanjwa, bese kuphazamiseka izinhlelo zabo zokuya emanyuvesi,” kusho uMahlambi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...