Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bayaveva ngoshone emuva kokushaywa yinyanga

Bayaveva ngoshone emuva kokushaywa yinyanga

by | 11 January 2025


UYAVUTHA yintukuthelo umndeni wowesilisa waseQakwini, eMtubatuba, oshonele esibhedlela emuva “kokushawa yinyanga” okuthiwa ibimsola ngokweshela intombi yayo.


Umndeni kaMnu Thandazani Mngomezulu ukhala ngokungaboshwa kwale nyanga okuthiwa yashaya lo wesilisa, walimala kanzima esigamekweni esenzeke ngoDisemba. Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto emndenini, umufi wathathwa yile nyanga esekhaya kubo, icasulwa wukuthi udlalise intombi yayo ngokuyishela. Ngokusho kwamalungu omndeni, yamubophela ogodweni yamungenela ngesibhaxu kwaze kwaba ungeniswa esibhedlela esesimeni esibucayi. Umufi uhlale esibhedlela kwaze kwamenela ekuqaleni kwale nyanga.


Umndeni utshele leli phephandaba ukuthi selokhu eshonile umufi le nyanga isazicanasela ngaphandle, kayiboshiwe yize “yashaya yalimaza” ilungu lomndeni.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngoba linovalo, litshele leli phephandaba ukuthi ukuthi isigameko sokushawa kukamufi senzeka zingu-15 ngenyanga edlule.


“Uma sizwa, uThandazani wayephuzile okuthe esendleleni wahlangana nentombazane yakhona lapha endaweni. Ube eseyidlalisa eyishela kanti le ntombazane izocasuka yamushaya. Uhambile waya ekhaya, okuthe ngosuku olulandelayo yafike le nyanga ihamba nabafana bayo bamuthatha ngemoto. Yahamba naye yaya emzini wayo lapho efike yamubophela _ogodweni
 yabe isimushaya umzimba wonke. Yamshaya ngoba imsolwa ngokushela intombi yayo lena ebidlaliswa nguThandazani. Indlela alimala ngayo, waphuthunyiswa esibhedlela lapho eze washonela khona ekuqaleni kwale nyanga esikuyo,” kusho ilungu lomndeni.


Liveze ukuthi umbiko abawuthole esibhedlela uthi umufi wophele ngaphakathi kanti ulimale kanzima nokube yimbangela yokufa kwakhe. “Okusiphatha kabuhlungu ukuthi lo muntu usazihambela ngaphandle (akaboshiwe). Ngikhuluma nje besingcwaba ngoLwesine kodwa lo muntu akakaboshwa namanje, ukhona lapha endaweni ngathi akenze lutho,” kusho ilungu lomndeni.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...