
UFIKELWA yisibibithwane owesifazane (52) waseTaylors, eMgungundlovu uma echaza ngosizi lokuphendulwa “isigqila socansi” ngumqashi wakhe abesemsebenzele iminyaka.
Lona wesifazane – eligodliwe igama lakhe ukumvikela – uthi ubesesebenzele lo mlisa ongumqondisi wenye yezinkampani zonogada ezinkulu ezisebenzela KwaZulu-Natal, eWestern Cape, eGauteng naseLimpopo iminyaka ewu-22, emhlanzela umuzi wakhe.
Uthi umqashi wafudukela naye eCape Town eminyakeni emine eyedlule, okuyilapho waqala khona ukumnukubeza. Ulandise ILANGA ukusuka nokuhlala ngalo mkhuba womqashi wakhe, athi waqala ukumgila wona ngo-2021.
“Ngaqala ukusebenza njengomuntu ohlanza indlu ngo-2002, umqashi ehlala nomndeni wakhe lapha KwaZulu-Natal. Kuthe ngo-2020 wathuthela eCape Town. Ngo-2021 bangilanda, ngayoqhubeka nomsebenzi wami njengoba bese sijwayelene kakhulu futhi sisebenzisana kahle.
“E-Cape Town bengisebenza emzini wakhe, ehhovisi lenkampani yakhe yonogada, emzini kanina (umqashi) nokanina wenkosikazi yakhe. Ngemuva kwamasonto ambalwa ngifikile, waqala wakhuluma ngendlela engangingayithandi, ekhombisa ukungilangazelela.
“Lokho wayekwenza uma ngisehhovisi lakhe kuphela. Ngokuhamba kwesikhathi, waqala wangithinta amabele, kwathi uma ngisabisa ngokuthi ngizotshela umkakhe, wathi ngeke angikholwe, futhi uma ngisafuna umsebenzi wami, kumele ngingenqabi lutho alwenza kimi,” esho.
Uthi wabe eseqala ukumnukubeza ngokocansi, emphoqa nokuthi amthokozise ngocansi lomlomo.
Uqhube ngokuthi wayekwenza lokho ngoba engafuni ukulahlekelwa wumsebenzi, kwazise emzini wakhe kwakusebenza yena kuphela, ekhulisa izingane njengoba umyeni wakhe wahlaselwa yisifo sohlangothi eminyakeni engaphezu kwemihlanu eyedlule. Uveze ukuthi ubudlelwano bakhe nenkosikazi yomqashi babubuhle, kangangokuba yayimthengela (inkosikazi yomqashi) nezikhindi zangaphansi, akholwa wukuthi nalokho kwaba nomthelela ekunukubezweni kwakhe njengoba umqashi wayefika esethi uyazi ukuthi umkakhe umthengelile, makakhumule asale ngaso (isikhindi sangaphansi).
“Bengihamba ngebhanoyi uma ngivakasha ekhaya,” esho. Uveze ukuthi kwakuthi uma umqashi emhambisa esikhumulweni sezindiza, amenzise wonke amanyala imoto ihamba.
Uthi wanquma ukugoduka ngemuva kokuba umqashi emthathe phambi kwenkosikazi yakhe, wathi umhambisa e-rank, kanti uzomphoqa ukuba amthokosize ngocansi lomlomo besasegcekeni lakwakhe, ngaphambi kokuhamba naye ayomnukubeza ehhovisi lakhe.
“Ngalobo busuku ngalala ngiqoqe imithwalo yami, ngavuka ngagoduka, ngingashongo,” esho.
Uthi wabe esebikela umndeni wakhe, kwavulwa icala esiteshini sasePlessislaer, eMgungundlovu, idokodo lathuthelwa eGordons Bay, eCape Town, wabe eseya esibhedlela wahlolwa, kwatholakala ukuthi ukunukubezwa kumlimazile esithweni sangasese.
Uqhube ngokuveza ukuthi ubesengena ephuma ezibhedlela ngenxa yokhwantalala. Uthi kuthe ngemuva kokuphuma (esibhedlela) kulo nyaka, wathola umyalezo othi icala lakhe selivaliwe.
“Ngibikele udokotela owayengilekelela, wabikela amaphoyisa asebenzisana nawo, afonela eCape Town. Amaphoyisa akhona abike izaba ngokuvalwa kwecala, abika ukuthi azophinde alivule. “Indodana kadadewethu esebenza ehhovisi le-DA, ibike ekomkhulu layo, ngafonelwa ngumphathisiteshi (waseGordons Bay), ethi bathole ucingo luphuma ekomkhulu le-DA lubuza ngalolu daba.
“Wabe esengazisa ukuthi icala selinomphenyi omusha. Ngemuva kwalokho, kuvele kwathuleka. Ngiyafisa ukuthola ubulungiswa kulolu daba njengoba sengingumuntu ophila ngokugula,” esho.
Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape, uCol Andre Traut, ucele leli phephandaba ukuba limthumelele imibuzo ngalolu daba. Kuze kwashaya isikhathi sokuloba engakayiphenduli.







