Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Bayaxolisa ngobuhixihixi obenzekile kudayiswa amathikithi eNedbank Cup

Bayaxolisa ngobuhixihixi obenzekile kudayiswa amathikithi eNedbank Cup

by | 6 May 2025

I-OPEN Tickets, okuyinkampani edayisa amathikithi, isikhiphe isitatimende ixolisa ngobuhixihixi obube khona ngesikhathi kudayiswa amathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup izolo ngoMsombuluko. 

Likhulu isasasa kubathandi bakanobhutshuzwa njengoba kuyiwa kwindumezulu yomdlalo ophakathi kwezingqungqulu eboleni lakuleli iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo.

Sibe isikhulu isikhalo ngemuva kokuvulwa kokuthengiswa kwamathikithi ngo-10am ngoMsombuluko, abaningi bekhala ngokuthi iWebsite yakwa-Open Tickets kayisebenzi. Abanye bebeqhingqe kolayini abade ezitolo, belinde ukuthengiselwa amathikithi, kodwa bagoduka bedangele.

“Okwenzekile nathi besikweshwama. Isibalo esiphezulu sabantu abebethenga amathikithi yisona esiholele ekutheni kube nobuhixihixi,” kusho isitatimende sabakwa-Open Tickets. 

Abanye abantu bebekhala ngokuthi iWebsite ibalindise amahora amaningi, bekulayini, kuthi uma kuphazamiseka iNetwork, bazibone sebeqaliswa kabusha ulayini. 

Abe-Open Tickets bathi lolu daba bayalusebenza, kuzokuthi uma sebeqedile ngalo, umbiko bawudlulisele kwiPremier Soccer League (PSL), okuyiyona eyengamele ibhola laseNingizimu Afrika. 

I-PSL ibingakasho lutho ngamathikithi ukuthi azodayiswa nini, kanjani, noma asephelile njengoba bekusho amanye amahlebezi ezinkundleni zokuxhumana.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...