Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UMngqithi ukhala ngokuhlinzelwa ezibini yizethenjwa

UMngqithi ukhala ngokuhlinzelwa ezibini yizethenjwa

by | 28 November 2024

SENZO SOKHELA

UDALULA okubaphuthisele ngenkomishi uManqoba “TV” Mngqithi ongumqeqe-shi weMamelodi Sundowns eguqi-swe yiMagesi FC ngo-2-1 kowama-nqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku eToyota Free State Stadium, eBloemfontein.

IDowns yiyona evule inkundla u-Iqraam Rayners elibeka enethini kodwa igoli lakhe lacinywa ngelikaTshepo Kakora nelikaDelano Abrahams. 

Iye kulo mdlalo iyizimfivilithi ukunqoba lo mqhudelwano. 

Edmore Chirambadare of Magesi FC challenged by Khuliso Mudau of Mamelodi Sundowns during the 2024 Carling Knockout Cup final match between Magesi FC and Mamelodi Sundowns at Free State Stadium in Bloemfontein on 23 November 2024 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

“Sibe neshwa kulo mdlalo, sikuzame konke obekufanele sikwenze ukuwunqoba, kodwa kwangenzeka. Besiwuthwele umdlalo, singena singenile ebhokisini labo, si-khahlelela ipali, basizwa nguno-zinti wabo, uChipezeze (u-Elvis). 

“Kuneziwombe ezingangithokozisanga ngezinqumo ebesizithatha uma sesiphambi kwamapali.Kukhona lapho ebesivele si-khahlele khona esikhundleni sokuphaselana. 

“Yilezo zinto ezincane, kodwa iqiniso wukuthi abafana bami ba-kwenze konke ukunqoba lo mdlalo. Okuyikhona okusehlulisile, ngamaphutha ama-bili esiwenzile. Okokuqala, besazi kahle ukuthi kakufanele sinike uChirambadare (u-Edmore) isikhathi nesikhala so-kuba afake amabhola ebhokisini lethu, ngoba uyinxele eliyingozi. 

“Ngaso sonke isikhathi amabhola uwatshala ebhokisini. Iningi la-magoli abo aqhamuka ngakuyena. Kuba ngama-free kick noma ngamabhola agotshiwe. 

“Kasimakanga neze kahle emu-va ngezikhathi ezimqoka. Amagoli abo aqhamuke ohlangothini luka-Chirambadare. Abadlali bethu abawumgogo-dla abebengasihlenga, yibona abasenzele phansi. UMudau (Khuliso) ngikholwa wukuthi bekufanele amuvale uChirambadare.

“Ngeke kodwa ngimugxeke yedwa ngoba kuningi ebesikuhlelile kodwa sangakwenza. Ngiyambongela uClinton (Larsen), isu lakhe lisebenzile. Bayingozi phambi kwamapali, kabakhi amathuba amaningi ko-dwa leli abalitholayo, balibeka enethini. Kangikhumbuli beshweba ithuba kulo mdlalo, kodwa lawa amba-lwa abawatholile bawabeke ene-thini,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...