Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UMngqithi ukhala ngokuhlinzelwa ezibini yizethenjwa

UMngqithi ukhala ngokuhlinzelwa ezibini yizethenjwa

by | 28 November 2024

SENZO SOKHELA

UDALULA okubaphuthisele ngenkomishi uManqoba “TV” Mngqithi ongumqeqe-shi weMamelodi Sundowns eguqi-swe yiMagesi FC ngo-2-1 kowama-nqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku eToyota Free State Stadium, eBloemfontein.

IDowns yiyona evule inkundla u-Iqraam Rayners elibeka enethini kodwa igoli lakhe lacinywa ngelikaTshepo Kakora nelikaDelano Abrahams. 

Iye kulo mdlalo iyizimfivilithi ukunqoba lo mqhudelwano. 

Edmore Chirambadare of Magesi FC challenged by Khuliso Mudau of Mamelodi Sundowns during the 2024 Carling Knockout Cup final match between Magesi FC and Mamelodi Sundowns at Free State Stadium in Bloemfontein on 23 November 2024 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

“Sibe neshwa kulo mdlalo, sikuzame konke obekufanele sikwenze ukuwunqoba, kodwa kwangenzeka. Besiwuthwele umdlalo, singena singenile ebhokisini labo, si-khahlelela ipali, basizwa nguno-zinti wabo, uChipezeze (u-Elvis). 

“Kuneziwombe ezingangithokozisanga ngezinqumo ebesizithatha uma sesiphambi kwamapali.Kukhona lapho ebesivele si-khahlele khona esikhundleni sokuphaselana. 

“Yilezo zinto ezincane, kodwa iqiniso wukuthi abafana bami ba-kwenze konke ukunqoba lo mdlalo. Okuyikhona okusehlulisile, ngamaphutha ama-bili esiwenzile. Okokuqala, besazi kahle ukuthi kakufanele sinike uChirambadare (u-Edmore) isikhathi nesikhala so-kuba afake amabhola ebhokisini lethu, ngoba uyinxele eliyingozi. 

“Ngaso sonke isikhathi amabhola uwatshala ebhokisini. Iningi la-magoli abo aqhamuka ngakuyena. Kuba ngama-free kick noma ngamabhola agotshiwe. 

“Kasimakanga neze kahle emu-va ngezikhathi ezimqoka. Amagoli abo aqhamuke ohlangothini luka-Chirambadare. Abadlali bethu abawumgogo-dla abebengasihlenga, yibona abasenzele phansi. UMudau (Khuliso) ngikholwa wukuthi bekufanele amuvale uChirambadare.

“Ngeke kodwa ngimugxeke yedwa ngoba kuningi ebesikuhlelile kodwa sangakwenza. Ngiyambongela uClinton (Larsen), isu lakhe lisebenzile. Bayingozi phambi kwamapali, kabakhi amathuba amaningi ko-dwa leli abalitholayo, balibeka enethini. Kangikhumbuli beshweba ithuba kulo mdlalo, kodwa lawa amba-lwa abawatholile bawabeke ene-thini,” esho.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...