Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Bayivule kahle abasubathi i-ASA Senior Track and Field Championships

Bayivule kahle abasubathi i-ASA Senior Track and Field Championships

by | 24 April 2025

UBEPHUPHUMA yinjabulo uGift Leotlela edla umhlanganiso, eshiya imfivilithi uBayanda Walaza.


BAYIVULE kahle abasubathi imidlalo ye-Athletics South Africa (ASA) Senior Track & Field Championships eqale namuhla ngoLwesine ezosongwa ngoMgqibelo eNWU McArthur Stadium, eNorth West.

UGift Leotlela udle umhlanganiso kwi-100m eshiya imfivilithi uBayanda Walaza osefomini enhle kulezi zinsuku. UGift unqobe lomjaho ngesikhathi esiwu-9.99sec eshiya uWalaza oqophe u-10.00sec.

Lezi zikhathi ezenziwe yilaba basubathi zibanika ithikithi lokumela izwe emidlalweni yeWorld Athletics Championships ezokuba ngoSeptember eJapan njengoba isikhathi esibekwe yiWorld Athletics kuwu-10.00sec kwi-100m.

UWalaza ogijima esigabeni samajuniya ungomunye wabasubathi asebesenzile isikhathi njengoba evule unyaka ngo-9.99sec.

UGift uthe ujabule kakhulu ngokunqoba kwazise uhlale isikhathi eside engagijimi ngenxa yokulimala.

Sisekuwo lo mjaho, uGlenrose Xaba wenze njengoba bekulindekile enqoba i-5000m eqopha u-15:27 kanti ukuze aye eJapan, bekufanele aqophe u-14:52. Uthi uzokuyogijma phesheya kwezilwandle ukufeza iphupho lakhe lokuya eJapan.


IKwaZulu-Natal yenze kahle kakhulu kulo mqhudelwano njengoba abasubathi bayo abangaphezulu kuka-7 bedlulele kweyandulela amanqamu, abanye baya kweyamanqamu. Labo basubathi nguPrudence Sekgodiso (800m), nguTsepo Tshite (800m), nguSlindile Hlatshwayo (800m), nguZakithi Nene (400m), nguKwazi Mgobhozi (800m), nguGena Loftsrand (800m), ukubala nje abambalwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...