Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Bayivule kahle abasubathi i-ASA Senior Track and Field Championships

Bayivule kahle abasubathi i-ASA Senior Track and Field Championships

by | 24 April 2025

UBEPHUPHUMA yinjabulo uGift Leotlela edla umhlanganiso, eshiya imfivilithi uBayanda Walaza.


BAYIVULE kahle abasubathi imidlalo ye-Athletics South Africa (ASA) Senior Track & Field Championships eqale namuhla ngoLwesine ezosongwa ngoMgqibelo eNWU McArthur Stadium, eNorth West.

UGift Leotlela udle umhlanganiso kwi-100m eshiya imfivilithi uBayanda Walaza osefomini enhle kulezi zinsuku. UGift unqobe lomjaho ngesikhathi esiwu-9.99sec eshiya uWalaza oqophe u-10.00sec.

Lezi zikhathi ezenziwe yilaba basubathi zibanika ithikithi lokumela izwe emidlalweni yeWorld Athletics Championships ezokuba ngoSeptember eJapan njengoba isikhathi esibekwe yiWorld Athletics kuwu-10.00sec kwi-100m.

UWalaza ogijima esigabeni samajuniya ungomunye wabasubathi asebesenzile isikhathi njengoba evule unyaka ngo-9.99sec.

UGift uthe ujabule kakhulu ngokunqoba kwazise uhlale isikhathi eside engagijimi ngenxa yokulimala.

Sisekuwo lo mjaho, uGlenrose Xaba wenze njengoba bekulindekile enqoba i-5000m eqopha u-15:27 kanti ukuze aye eJapan, bekufanele aqophe u-14:52. Uthi uzokuyogijma phesheya kwezilwandle ukufeza iphupho lakhe lokuya eJapan.


IKwaZulu-Natal yenze kahle kakhulu kulo mqhudelwano njengoba abasubathi bayo abangaphezulu kuka-7 bedlulele kweyandulela amanqamu, abanye baya kweyamanqamu. Labo basubathi nguPrudence Sekgodiso (800m), nguTsepo Tshite (800m), nguSlindile Hlatshwayo (800m), nguZakithi Nene (400m), nguKwazi Mgobhozi (800m), nguGena Loftsrand (800m), ukubala nje abambalwa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...