Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Isifiso sikaBroos ngabaqeqeshi bamakilabhu ePSL

Isifiso sikaBroos ngabaqeqeshi bamakilabhu ePSL

by | 10 November 2024

SENZO SOKHELA

UPHUMELA obala ngesifiso sakhe  sokuhlangana nabo bonke abalolongi bamakilabhu ePremier Soccer League (PSL) umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos (osesithombeni), ukuze babhunge ngezinto ezithinta unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.

Uveze ukuthi kuyamkhathaza emoyeni ukuthi akakaze ahlangane nabo selokhu wafika kuleli. “Imihlangano engibe nayo nabaqeqeshi bakuleli ngabodwana, ibajabulisile, nami ngokunjalo ngathokoza ngoba besixoxa ngebhola. Ngihlangane nomqeqeshi weMamelodi Sundowns (uManqoba Mngqithi), owe-Orlando Pirates (uJose Riveiro) noweKaizer Chiefs (uNasreddine Nabi) – bonke bazinze eGauteng, kulula (ukubonana nabo). Kunamakilabhu eThekwini naseCape Town (engikudingayo ukubabona).

“Isifiso sami wukuthi ngelinye ilanga ngihlanganyele nabo bonke ndawonye ngesikhathi esisodwa. Ngiyacela, masizameni ukuhlangana sonke, sixoxe ngebhola, bangihlabe ngemibuzo ngoba nami nginenqwaba yemibuzo engifisa ukuyibhekisa kubona.

UBroos umemezele iqembu labadlali abawu-23 azogijima ngalo imidlalo emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seMorocco ngonyaka ozayo. 

IBafana izogijima umdlalo wayo ka-group K ne-Uganda ngoLwesihlanu ngo-15h00 eNelson Mandela National Stadium, eKampala, ilandelise ngeSouth Sudan mhla ka-19 wale nyanga eDHL Cape Town Stadium, eCape Town. UBroos uthi nakanjani iBafana izokuba yingxenye ye-Afcon ngonyaka ozayo.

Iqembu leBafana elizodlala ne-Uganda kanjalo neSouth Sudan ngokwahlukana kweyokuhlungela i-Afcon limi kanje, onozinti: 

nguRonwen Williams, nguSage Stephens noSipho Chaine.

Abasemuva: nguNyiko Mobbie, nguRushwin Dortley, nguNkosinathi Sibisi, ngu-Aubrey Modiba, nguMothobi Mvala, nguKhuliso Mudau, nguFawaaz Basadien noSiyabonga Ngezana.

Abasesiswini: nguTeboho Mokoena, nguBathusi Aubaas, nguThalente Mbatha noLuke Le Roux.

Abaphambili:ngu-Evidence Makgopa, ngu-Oswin Appollis, nguPatrick Maswanganyi, ngu-Iqraam Rayners, nguMihlali Mayambela, ngu-Elias Mokwana, nguRelebohile Mofokeng noTha-pelo Morena.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...