Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Isifiso sikaBroos ngabaqeqeshi bamakilabhu ePSL

Isifiso sikaBroos ngabaqeqeshi bamakilabhu ePSL

by | 10 November 2024

SENZO SOKHELA

UPHUMELA obala ngesifiso sakhe  sokuhlangana nabo bonke abalolongi bamakilabhu ePremier Soccer League (PSL) umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos (osesithombeni), ukuze babhunge ngezinto ezithinta unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.

Uveze ukuthi kuyamkhathaza emoyeni ukuthi akakaze ahlangane nabo selokhu wafika kuleli. “Imihlangano engibe nayo nabaqeqeshi bakuleli ngabodwana, ibajabulisile, nami ngokunjalo ngathokoza ngoba besixoxa ngebhola. Ngihlangane nomqeqeshi weMamelodi Sundowns (uManqoba Mngqithi), owe-Orlando Pirates (uJose Riveiro) noweKaizer Chiefs (uNasreddine Nabi) – bonke bazinze eGauteng, kulula (ukubonana nabo). Kunamakilabhu eThekwini naseCape Town (engikudingayo ukubabona).

“Isifiso sami wukuthi ngelinye ilanga ngihlanganyele nabo bonke ndawonye ngesikhathi esisodwa. Ngiyacela, masizameni ukuhlangana sonke, sixoxe ngebhola, bangihlabe ngemibuzo ngoba nami nginenqwaba yemibuzo engifisa ukuyibhekisa kubona.

UBroos umemezele iqembu labadlali abawu-23 azogijima ngalo imidlalo emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seMorocco ngonyaka ozayo. 

IBafana izogijima umdlalo wayo ka-group K ne-Uganda ngoLwesihlanu ngo-15h00 eNelson Mandela National Stadium, eKampala, ilandelise ngeSouth Sudan mhla ka-19 wale nyanga eDHL Cape Town Stadium, eCape Town. UBroos uthi nakanjani iBafana izokuba yingxenye ye-Afcon ngonyaka ozayo.

Iqembu leBafana elizodlala ne-Uganda kanjalo neSouth Sudan ngokwahlukana kweyokuhlungela i-Afcon limi kanje, onozinti: 

nguRonwen Williams, nguSage Stephens noSipho Chaine.

Abasemuva: nguNyiko Mobbie, nguRushwin Dortley, nguNkosinathi Sibisi, ngu-Aubrey Modiba, nguMothobi Mvala, nguKhuliso Mudau, nguFawaaz Basadien noSiyabonga Ngezana.

Abasesiswini: nguTeboho Mokoena, nguBathusi Aubaas, nguThalente Mbatha noLuke Le Roux.

Abaphambili:ngu-Evidence Makgopa, ngu-Oswin Appollis, nguPatrick Maswanganyi, ngu-Iqraam Rayners, nguMihlali Mayambela, ngu-Elias Mokwana, nguRelebohile Mofokeng noTha-pelo Morena.

Ezisematheni

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole. UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services...

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo,...

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni...