Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Kulimale ababili kuqubuka umlilo kuqoshwa iSkeem Saam

Kulimale ababili kuqubuka umlilo kuqoshwa iSkeem Saam

by | 26 February 2025

KULIMALE ababili ngesikhathi kuqubuka umlilo kushuthwa umdlalo oyintandokazi wakwaSABC, iSkeem Saam, ngoMsombuluko.

I-SABC isiqinisekisile lesi sigameko.

“Imicabango yethu ikumalungu ethu alimele, siwafisela ukwelulama okusheshayo. Lo mlilo ulimaze imishini yokusebenza nendawo elungisiwe okushuthelwa kuyona. I-SABC isebenzisana nePeu Communication Solutions neSasani Studios ukuhlonza wonke umonakalo,” kusho iSABC sitatimendeni.


ISkeem Saam singomunye wemidlalo kamabonakude ezifake enhliziyweni yabathandi bezokungxebeleka kuleli. Selokhu saqala ukukhonjiswa ngo-2011.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...