Ilanga News
Home 9 Featured 9 SIKHULU ISILILO NGOMFUNDISI WEBANDLA LAMANAZARETHA

SIKHULU ISILILO NGOMFUNDISI WEBANDLA LAMANAZARETHA

by | 10 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUWE umuthi omkhulu ebandleni lamaNazaretha, ohlangothini lwaseBuhleni, kudlula emhlabeni omunye wabefundisi onomlando omuhle kuleli bandla. 

Sikhulu isililo kumaNazaretha ngemuva kokusabalala kwezindaba zokushona kukaMfundisi NG Gcwensa (osesithombeni), obese eneminyaka engaphezulu kwamashumi amabili engumfundisi kuleli bandla. 

Ngokusho kukaMnu Thokozani Mncwabe, okhulumela leli bandla, uMfu uGcwensa ubebambe iqhaza elikhulu ebandleni. 

“Ngale kokuba ngumfundisi iminyaka engaphezulu kuka-20, wazalelwa kuyona inkolo yamaNazaretha. 

“Siyakholelwa ekutheni njengoba esontweni eledlule ebephethe inkonzo eshumayela, iNkosi bese imnika isikhathi sokuthi avalelise. Siyakhalisana kakhulu nomndeni wakhe, inkosikazi yakhe nabantwana bakhe,” kusho uMncwabe. 

Nasezinkundleni zokuxhumana besisikhulu isililo ngokudlula emhlabeni kukaGwensa. 

UMncwabe uchaze uGcwensa njengomuntu obekuthanda ukuyala nokuhlanganisa abantu ebandleni.

UNdunankulu KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, udlulise amazwi enduduzo ebandleni lamaNazaretha.

“Ukuzinikela kwake enkolweni nasekuqinisekiseni ukuthi abantu bakithi banakekelekile ngokomoya, kungomunye wemisebenzi yakhe ayohlale ekhunjulwa ngayo.

“Sikhalisana kakhulu neNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe nebandla lonke lamaNazaretha kulesi sikhathi esinzima kangaka sokudlula komunye wabantu ababalulekile kuleli bandla. Sengathi namalungu ebandla nawo angaduduzeka,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...