Ilanga News
Home 9 Featured 9 SIKHULU ISILILO NGOMFUNDISI WEBANDLA LAMANAZARETHA

SIKHULU ISILILO NGOMFUNDISI WEBANDLA LAMANAZARETHA

by | 10 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUWE umuthi omkhulu ebandleni lamaNazaretha, ohlangothini lwaseBuhleni, kudlula emhlabeni omunye wabefundisi onomlando omuhle kuleli bandla. 

Sikhulu isililo kumaNazaretha ngemuva kokusabalala kwezindaba zokushona kukaMfundisi NG Gcwensa (osesithombeni), obese eneminyaka engaphezulu kwamashumi amabili engumfundisi kuleli bandla. 

Ngokusho kukaMnu Thokozani Mncwabe, okhulumela leli bandla, uMfu uGcwensa ubebambe iqhaza elikhulu ebandleni. 

“Ngale kokuba ngumfundisi iminyaka engaphezulu kuka-20, wazalelwa kuyona inkolo yamaNazaretha. 

“Siyakholelwa ekutheni njengoba esontweni eledlule ebephethe inkonzo eshumayela, iNkosi bese imnika isikhathi sokuthi avalelise. Siyakhalisana kakhulu nomndeni wakhe, inkosikazi yakhe nabantwana bakhe,” kusho uMncwabe. 

Nasezinkundleni zokuxhumana besisikhulu isililo ngokudlula emhlabeni kukaGwensa. 

UMncwabe uchaze uGcwensa njengomuntu obekuthanda ukuyala nokuhlanganisa abantu ebandleni.

UNdunankulu KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, udlulise amazwi enduduzo ebandleni lamaNazaretha.

“Ukuzinikela kwake enkolweni nasekuqinisekiseni ukuthi abantu bakithi banakekelekile ngokomoya, kungomunye wemisebenzi yakhe ayohlale ekhunjulwa ngayo.

“Sikhalisana kakhulu neNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe nebandla lonke lamaNazaretha kulesi sikhathi esinzima kangaka sokudlula komunye wabantu ababalulekile kuleli bandla. Sengathi namalungu ebandla nawo angaduduzeka,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...