
I
BAMBA loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uJenene Puleng Dimpane, uthi laba abaqala uthuthuva, bacekele phansi impahla uma kunemibhikisho bazobhekana nengalo yomthetho.
UDimpane ubekhuluma ngesikhathi ehlola umonakalo odaleke ngesikhathi kunemibhikisho yabangahambisani nabakuleli ngokungemthetho izolo. Le mibhikisho ebiyenzeka eThekwini, KwaZulu-Natal, nasezingxenyeni zeGoli, iphethe ngokucekelwa phansi kwempahla yabokufika, okubalwa kuyo izitolo nezimoto, okuthiwa kwenziwe yizakhamizi zakuleli ebezidinwe zigane unwabu.
Le ntukuthelo iqubuke emuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, esithi abokufika abangena eNingizimu Afrika ngokungemthetho, banelungelo lokuyobhalisela izimvume zokuba kuleli, emahhovisi akwandabazabantu. UDimpane uthi kule mibhikisho kushiswe izimoto ezingaphezu kuka-20, eGoli naseThekwini. Unxuse izakhamizi zakuleli ukuba zehlise imimoya kulesi sikhathi.
“Siyacela izakhamizi zehlise umoya zidedele uhulumeni alusebenze ngendlela lolu daba. Ukushisa, wukucekela phansi impahla nokusabisa akusizi kunalokho kukufaka enkingeni ngoba kuwubugebengu. Okuzotholakala ukuthi bebeyingxenye yodlame kulemibhikisho bazobhekena nomthetho,” esho.







