Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kudutshulwe kwabulawa umdidiyeli wamabutho

Kudutshulwe kwabulawa umdidiyeli wamabutho

by | 11 December 2025

SEKUDUTSHULWE kwabulawa umdidiyeli wamabutho odumile ngaphansi kukaMaspala iKing Cetshwayo. Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomthombo walo – uMnu Zenzeleni Xulu udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ezingaphezu kweziwu-8 eMacekayi, eMpangeni emgwaqweni uR34 ophakathi kweShowe neMpangeni.

UXulu ubaziwa kakhulu ngokuthi uthanda ukuvikela amakhosi. ILANGA likhulume noNdunankulu wesizwe saKwaXulu uCedrick Xulu oziqinisekisile lezi zindaba.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...