Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Zigcwale udaka kunobhala-jikelele weNFP

Zigcwale udaka kunobhala-jikelele weNFP

by | 19 November 2024

LUCKY CAIN

USEKHONJWE indlela uMnu Teddy Thwala (osesithombeni) kwesokuba ngunobhala-jikelele weNFP, emuva kwesinqumo sesigungu esiqondisa ubugwegwe saleli qembu, esithathwe ngeSonto. Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu, uThwala uxoshelwe ukwephula imigomo ehambisana nomthethosisekelo weqembu nokudicilela phansi isithunsi salo.

Siqhuba ngokuthi ngenxa yalokhu, usihlalo walesi sigungu ubone kufanele uThwala akhonjwe indlela ngokushesha eqenjini. Kuvela ukuthi uThwala akazange alubhade emhlanganweni wokuqondiswa ubugwegwe kwazise bekulindeleke ukuba abekhona. Ngokwamasamanisi aleli qembu, uThwala unezinsuku eziwu-5 zokudlulisa lesi sinqumo kusukela ethole incwadi yokuxoshwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA like labika ngoqhekeko lobuholi kuleli qembu, kusolwa isigungu sikazwelonke ngokugxambukela kokwenzeka KwaZulu-Natal, ekubeni bukhona ubuholi besifundazwe.

Sekunesikhathi kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kukaThwala nomengameli weqembu, uMnu Irvin Barnes. Ukungahoshelani kwabo kusukela ngesikhathi leli qembu linomhlangano wokukhetha ubuholi nyakenyeke. Imithombo yaleli phephandaba yaveza ukuthi uThwala akazange agculiseke ngokuqokwa nabaholi ayeqokwe nabo esigungwini esiphezulu. Kusukela waqokwa kulesi sikhundla, ubengakazane abonakale emihlanganweni yaleli qembu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...