Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Zigcwale udaka kunobhala-jikelele weNFP

Zigcwale udaka kunobhala-jikelele weNFP

by | 19 November 2024

LUCKY CAIN

USEKHONJWE indlela uMnu Teddy Thwala (osesithombeni) kwesokuba ngunobhala-jikelele weNFP, emuva kwesinqumo sesigungu esiqondisa ubugwegwe saleli qembu, esithathwe ngeSonto. Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu, uThwala uxoshelwe ukwephula imigomo ehambisana nomthethosisekelo weqembu nokudicilela phansi isithunsi salo.

Siqhuba ngokuthi ngenxa yalokhu, usihlalo walesi sigungu ubone kufanele uThwala akhonjwe indlela ngokushesha eqenjini. Kuvela ukuthi uThwala akazange alubhade emhlanganweni wokuqondiswa ubugwegwe kwazise bekulindeleke ukuba abekhona. Ngokwamasamanisi aleli qembu, uThwala unezinsuku eziwu-5 zokudlulisa lesi sinqumo kusukela ethole incwadi yokuxoshwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA like labika ngoqhekeko lobuholi kuleli qembu, kusolwa isigungu sikazwelonke ngokugxambukela kokwenzeka KwaZulu-Natal, ekubeni bukhona ubuholi besifundazwe.

Sekunesikhathi kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kukaThwala nomengameli weqembu, uMnu Irvin Barnes. Ukungahoshelani kwabo kusukela ngesikhathi leli qembu linomhlangano wokukhetha ubuholi nyakenyeke. Imithombo yaleli phephandaba yaveza ukuthi uThwala akazange agculiseke ngokuqokwa nabaholi ayeqokwe nabo esigungwini esiphezulu. Kusukela waqokwa kulesi sikhundla, ubengakazane abonakale emihlanganweni yaleli qembu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...