Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Mculo 9 Okungajwayelekile emcimbini weMayine Gospel Experience

Okungajwayelekile emcimbini weMayine Gospel Experience

by | 22 April 2026

KUZOKWENZEKA okungajwayelekile emcimbini we-gospel obizwa ngeMayine Gospel Exeperience ozoba seDCC Jesus Dome eMayville eThekwini ngomhla ka22 kuMay kophezulu.

Le ndumezulu yomcimbi ezoteketiswa ngeSilent Worship Expence: A Night of Song and Worship kuzokwenzeka okuzobe kuqala ukwenzeka emcimbini ye-gospel yakuleli njengoba bonke abazobe bewuhambele bazobe befake ama-earphone indumiso yabaculi beyilalele kuwona.

Kuzobe kuboshelwe izintandokazi zabaculi okubalwa kubo u-Oncemore Six, Khaya Mthethwa, Ncebakazi Msomi, Ntokozo Mbambo, Lusanda Beja noMpumi Mtsweni.

Omunye wabahleli balo mcimbi uKwezi Ndlovu Mbambo uthe kuzokwehluka kakhulu okuzobe kwenzeka kulo mcimbi njengoba bezoveza olunye uhlangothi kwezokuhlelwa kwemicimbi.

Uthe bonke abazobe bewuhambele bazonikwa ama-earphone nokuyiwona abazowashebenzisa ukulalela umculo.

Uthe lokhu bazobe bekwenza ngenhloso yokuthi umuntu nomuntu ozobe ekhona athole ukuxhumana noMdali ngendlela yakhe ngaphandle kokunaka omunye oseceleni kwakhe.

Uveze ukuthi lo mculi uzobe uhambisana nendumiso kanjalo nomkhuleko ngakho abazobe bewuhambele bazothola ithuba eliyingqayizivele lokuxhumana noNkulunkulu.

Unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi futhi basheshe bawathenge amathikithi ukuze babe yingxenye yale ngqophamlando yomcimbi abazoba ngabokuqala eNingizimu Afrika ukuba emcimbini walolu hlobo.

Uthe amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eWebtickets nasePick n Pay kusuekela ngo-R250.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...