
IKHOMISHANA ebhekele amalungelo abathengi isiphakamise ukuba kuhoxiswe eminye yemikhiqizo yesiqholo sakwaMitchum eNingizimu Afrika. Lokhu kulandela abakhiqizi balesi siqholo base United Kingdom beveze ukuthi bahoxisa eminye yemikhiqizo yabo kwamanye amazwe okubalwa kuwo nelakuleli.
AbakwaMitchum bakhiphe isixoliso ngemuva kokuba iroll on yabo ishiye amakhasimende elunyelwa futhi eshiselwa emakhwapheni.
Abekhomishana bathi batshelwe ngabakhiqizi balesi siqholo ukuthi ushintsho endleleni esikhiqizwa ngaso yikho okube nomthelela. Kwabanye babathengi abanesikhumba esizwelayo, kudale i-rash esikhunjeni. Kubikwa ukuthi ama-roll on ahoxisiwe awu 124,176 aqale ukusatshalaliswa ngo-April.
Imikhiqizo okubikwa ukuthi ithintekile yile:
Mitchum Woman Roll-On 100ml 48H Shower Fresh — batch numbers: S25331A/S25422A
Mitchum Woman Roll-On 100ml 48H Powder Fresh — batch numbers: S25331A/S25416
Mitchum Men Roll-On 100ml 48H Sport — batch numbers: S25328A/S25416A
Mitchum Men Roll-On 100ml 48H Mountain Air — batch number: S25415B.
Abathenge lo mkhiqizo othintekile bagqugquzelwa ukuba bayeke ukuwusebenzisa futhi bawuphindisele lapho bewuthenge khona ukuze babuyiselwe imali. Abathintekile bacelwa ukuba bathintane nabakwaRevlon South Africa ukuze bathole izeluleko.
Isixoliso sabakwa Mitchum siqhamuke ngemuva kwemvunge ebisenkundleni yezokuxhumana iTik Tok lapho abathengi baso bebekhala ngokuthi sibenza babe ne-rash, amakhwapha ashise futhi ancinze. Bathe iziqholo ezithintekile eziseNingizimu Afrika, e-United Kingdom nase-Ireland. Esitatimendeni sabo bathe : Sifisa ukuqinisekisa ukuthi akuzange kube noshintsho endleleni okwenziwa ngayo imikhiqizo yethu, kodwa esikutholile wukuthi kube noshintsho endleleni esikhiqiza ngakhona. Lokhu kwenze ukuthi kube noshintsho esikhunjeni sabanye abasebenzisa lo mkhiqizo.”
Lesi sitatimende kasizange sicacise ukuthi indlela yokukhiqiza ishintshe kanjani kepha bathi inkinga sebeyixazululile futhi bazohoxisa yonke imikhiqizo echaphazelekile emashalofini asezitolo.







