Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ukukhathazeka ngesibalo samaqembu angenele ukhetho

Ukukhathazeka ngesibalo samaqembu angenele ukhetho

by | 12 March 2026

USOLA iKhomishini yoKhetho yaseNingizimu Afrika (IEC), ngokungabi nemithetho eqine ngokwenele, ngokwanda kwesibalo samaqembu ezepolitiki azimisele ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo, umhlaziyi wezepolitiki, uMnu Zakhele Ndlovu.

NgoLwesithathu le khomishini imemezele ukuthi abalelwa ku-508, futhi kusangenzeka ande amaqembu angenele lolu khetho olubhekwe ngabomvu ngasekupheleni noma ngasekuqaleni konyaka ozayo. Le khomishini ithi nakuba ikweseka ukwanda kwala maqembu, okusho ukusebenza kahle kwentando yeningi eNingizimu Afrika, kodwa ikhathazekile ngobude bephepha lokuvota.

Sikhuluma nabezindaba isikhulu sale khomishini, uMnu Masego Sheburi, sithe kabakhathazekile ngamaqembu abhalisele ukhetho, kodwa okubakhathazayo wukuthi abanye abavoti bangase badikibale, bangazixaki ngokuyovota ngosuku lokhetho.

“Siyakwamukela ukubona intshisekelo yamaqembu angenela ukhetho, kodwa okusikhathazayo wukuthi uma isibalo sesisikhulu, kuzodida abavoti. Siyazi ukuthi phambilini besiba nabo abavoti ababa nenkinga yokubona amaqembu abawafunayo ngenxa yobuningi bawo. Lokhu kwenza abavoti bagcine bedideka,” kusho uSheburi.

UNdlovu, ofundisa izifundo zepolitiki esikhungweni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu Natal, uthe kuyakhathaza ukuthi ezweni elifana neNingizimu Afrika, iningi labantu likhetha ukungena kwipolitiki ngenxa yokwentuleka kwamathuba emisebenzi.

“Kuyiqiniso esingeke siliphike ukuthi abanye bakhetha ukuvula amaqembu ngenxa yokuthi sebeshayekile empilweni, sebefuna enye indlela yokuphila. Kuyakhathaza ukuthi sekunabantu asebengenela ezinye izinhloso kwipolitiki, okwenza sigcine siba nemibhikisho eminingi ngenxa yokuthi abangenelanga ukusebenzela umphakathi, kunalokho bangenele ukubheka izisu zabo,” kusho uNdlovu.

Usole ikhomishini yokhetho ngokungabi nayo imithetho eqinile ukuzama ukunqanda abanezinhloso zabo okhethweni.

“Abanye bangena nje, kasibazi nokuthi bayithathephi imali yokubhalisela ukungenela ukhetho, futhi banaziphi izinhloso ngamalungu omphakathi.”

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...