Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bazongcwatshwa wumnyango wakwaCogta abashone kuqubuka umlilo emjondolo

Bazongcwatshwa wumnyango wakwaCogta abashone kuqubuka umlilo emjondolo

by | 21 July 2025


UZIBOPHEZELE ngokwelula isandla uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ekungcwatshweni kwababili abashone kuqubuka umlilo emijondolo ekuKennedy Road, eThekwini ngoMgqibelo.

Lokhu kushiwo ngungqongqoshe walo mnyango uMfu. Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi ehambele ukuyozibonela ngokwakhe umonakalo owenzeke kulendawo noshiye inqwaba yabantu besele dengwane.

Le ndawo eyakhelwe yimijondolo, kushe engu-95, kwadlula emhlabeni owesifazane oneminyaka engu-26 nengane enezinyanga eziwu-19 yomndeni waseMzimkhulu

Ehambele kulendawo uNgqongqoshe Buthelezi, uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokuqubuka komlilo kulezi zindawo zokuhlala njengoba sekungumlilo wesine lona ezinyangeni ezimbili kanti nangonyaka odlule bekwenzeka izigameko ezifanayo.

“Kubalulekile ukuthi niqekelele uma nisebenzisa izimbawula noma yiluphi uhlobo lokuzifudumeza. Safaka lokhu okukhalayo makunentuthu (smoke dectator), ngoba senzela ukuthi kuhlengeke impilo yabantu bakithi. Kulokhu-ke bekungekho obekungenziwa ngoba bebekhiyelwe abantu abashonile nokuyinto nayo esikhazayo,” kusho uNgqongqoshe Buthelezi.

Ngesikhathi uNgqongqoshe ehambele kuKennedy Road, uye kobhonga emsweneni emindenini yabashonile wathi uMnyango wakwaCogta uzokwenza konke okufanele ukuqinisekisa ukuthi bangcwatshwa ngesizotha.

Lapha ubehamba nezinhlaka ezahlukene nazo eziphinde zalula isandla ukusiza abathintekile ukuze balale bedlile.

Ungqongqoshe uthe uzoxoxisana nomasipala weTheku ngodaba lwabahlali bakuKennedy Road ngoba kuningi ukungenelela okudingakalayo njengoba nendawo abahlala kuyona iphinde ibe nemfucuza eningi engaqoqiwe.

“Kakuyona indawo elungele ukuthi ningahlala kuyo noma nikhulisele izingane kodwa-ke ngenxa yokungabikhona komhlaba kakukuningi nathi esingakwenza,” kusho ungqongqoshe.

Ube esenikezela abakhahlamezekile ngezingubo zokulala, ukudla, kwathi abesifazane nezingane zamantombazane banikezelwa ngokokugeza nezinto ezisetshenziswa ngabantu besifazane.

Ube esegcizelela ukuphepha njengoba kungubusika nje wathi nalabo abasebenzisa amakhandlela kumele baqikelele.

UNkz Nokukhanya Mkhize (43), uthi useneminyaka emihlanu ehlala kulendawo, naye ube yisisulu salo mlilo.

“Ngavuswa wumsindo owawusho ukuthi kunentuthu ngaphuma nabantwana bami nesasikuphethe ngezandla.

Njengamanje siqala phansi impilo kasinalutho kodwa ngijabulile ukuthi ungqongqoshe asihambele azosinika angakwazi ukusinika khona,” kusho yena.
Ungqongqoshe uthe usefake lokhu okukhalayo uma kuqubuka intuthu( smoke detector) emjondolo ewu-2000 kule ndawo. Uveze ukuthi kufanele uphele unyaka isifakeliwe imjindolo ewu-5000 kuyona lendawo.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...