
IZINHLANGANO ezilwa nenkohlakalo, neqembu i-Action SA, sebehlele ukuqhingqa ngaphandle kwekomkhulu lamaphoyisa eThekwini, namhlanje, ngoLwesine, ukweseka uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
Le miqhingqo izoba wuchungechunge njengoba kuhloswe ngayo ukufaka ingcindezi kuMengameli uCyril Ramaphosa, ukuthi akhombe indlela uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu.
Kusuke umsindo ngemuva kokuba ngeSonto uMkhwanazi ebize isithangami sabezindaba. wadalula amanyala athi enza kuphazamiseke ukusebenza kwamaphoyisa esifundazweni nasezweni lonkana. Ubale ukuhlakazwa kuphiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki, athi uMchunu waba nesandla ekuluhlakazeni.
UMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uzihlangulile wathi akakaze ayisayine incwadi ehlakaza lolu phiko.
UMnu Zwakele Mncwango, onguhholi we-Action SA KwaZulu-Natal, uthi angeke basonge izandla ubulungiswa bungenzeki.
“Sikhuthaza uMkhwanazi ukuthi aqhubeke enze umsebenzi wakhe oncomekayo. Uma engakutholi ukwesekwa, abanye abantu abanezinhloso zokubika inkohlakalo nobugebengu bazokwesaba ukuphumela obala, bakubike. Sifuna uMengameli uCyril Ramaphosa, angenelele ngokushesha, ngoba angeke abantu abanikwe umsebenzi omkhulu kangaka, wokuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka komphakathi, bambandakanyeke enkohlakalweni. Sizoqhubeka nemibhikisho nemiqhingqo kuze kube ziyathathwa izinyathelo ezifanele,” kusho uMnu. uMncwango.
UMhlaziyi wepolitiki, ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu, uthe akusekho ukucasha ngesihlahla, uma uMchunu engakhishwa esikhundleni, lokhu kuzolahlekisela i-ANC ukwethenjwa, ingawatholi namavoti anele ngokhetho lohulumeni baseKhaya lwangonyaka ozayo.
UMengameli uthe uma efika namuhla (ngoLwesine), njengoba ebeseBrazil, uzofuna umbiko ogcwele ngezinsolo ezenziwe nguMkhwanazi. Kuqhamuka lezi zinsolo nje, iDA isakhala ngokuxoshwa kwePhini likaNgqongqoshe uMnu Andrew Withfield, oyilungu layo owakhonjwa indlela nguMengameli Ramaphosa.







