Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 URamaphosa uthi bakhathazekile ngendaba yoxhaso lwase-US lokulwa neHIV neTB

URamaphosa uthi bakhathazekile ngendaba yoxhaso lwase-US lokulwa neHIV neTB

by | 6 February 2025

USETSHELE isizwe, uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuthi bakhathazekile ngesinqumo sikahulumeni wase-United States, sokumisa uxhaso lwezempilo, neNingizimu Afrika ebihlomula kulo.

URamaphosa uthi uyabakhathaza umthelela lesi sinqumo esithathwe nguMnu Donald Trump onguMengameli omusha wase-United States, okungenzeka sibe nawo ezinhlelweni obelulekelela kuzo.

Kusukela ezinsukwini ezedlule, isematheni indaba yalolu xhaso olulekelela kakhulu ezinhlelweni zokulwa neHIV kanye neTB, kanti sekuneminyaka i-US iluhlinzeka emazweni amaningi okubalwa kuwo nayo iNingizimu Afrika.

Ekhuluma kwiState of the Nation Address, eCape Town, ngoLwesine kusihlwa, uRamaphosa uthe lolu xhaso lwase-United States belulekelela ngengxenye ewu-17% wemali esetshenziswa ezinhlelweni zeNingizimu Afrika zokulwa neHIV.

Njengamanje kunetwetwe kubantu abaningi ngokuthi kungenzeka bazoshodelwe yimishanguzo yeHIV emitholampilo eyenganyelwe yizinhlangano ezingenzi-nzuzo, ebezithembele kulolu xhaso.

URamaphosa uthembise ukuthi bamatasa babheka izindlela ezahlukene zokubhekana ngokushesha nalesi simo esikhona njengamanje, nokuqinisekisa ukuqhubeka kosizo olusemqoka obelutholwa ngabantu ngalolu xhaso.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...