Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 URamaphosa uthi bakhathazekile ngendaba yoxhaso lwase-US lokulwa neHIV neTB

URamaphosa uthi bakhathazekile ngendaba yoxhaso lwase-US lokulwa neHIV neTB

by | 6 February 2025

USETSHELE isizwe, uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuthi bakhathazekile ngesinqumo sikahulumeni wase-United States, sokumisa uxhaso lwezempilo, neNingizimu Afrika ebihlomula kulo.

URamaphosa uthi uyabakhathaza umthelela lesi sinqumo esithathwe nguMnu Donald Trump onguMengameli omusha wase-United States, okungenzeka sibe nawo ezinhlelweni obelulekelela kuzo.

Kusukela ezinsukwini ezedlule, isematheni indaba yalolu xhaso olulekelela kakhulu ezinhlelweni zokulwa neHIV kanye neTB, kanti sekuneminyaka i-US iluhlinzeka emazweni amaningi okubalwa kuwo nayo iNingizimu Afrika.

Ekhuluma kwiState of the Nation Address, eCape Town, ngoLwesine kusihlwa, uRamaphosa uthe lolu xhaso lwase-United States belulekelela ngengxenye ewu-17% wemali esetshenziswa ezinhlelweni zeNingizimu Afrika zokulwa neHIV.

Njengamanje kunetwetwe kubantu abaningi ngokuthi kungenzeka bazoshodelwe yimishanguzo yeHIV emitholampilo eyenganyelwe yizinhlangano ezingenzi-nzuzo, ebezithembele kulolu xhaso.

URamaphosa uthembise ukuthi bamatasa babheka izindlela ezahlukene zokubhekana ngokushesha nalesi simo esikhona njengamanje, nokuqinisekisa ukuqhubeka kosizo olusemqoka obelutholwa ngabantu ngalolu xhaso.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...