Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kudutshulwe kwabulawa owesifazane phambi kwezingane

Kudutshulwe kwabulawa owesifazane phambi kwezingane

by | 25 December 2024

UHLALELE ovalweni umndeni wowesifazane waseThafeni, KwaQwabe, ePort Shepstone, ohlaselwe edutshulwa phambi kwezingane zakhe izolo ngoLwesibili ebusuku.

UNkz Princess Zamekile Hlongwa (37), kuthiwa ungenelwe ngabesilisa abangaziwa, bamdubula ekhanda amahlandla amahlanu. Ngokuthola kweLANGA, lokhu sekushiye lo mndeni unovalo ngenxa yokuthi nangoNdasa, esinye sezihlobo zakhe uNkz Hlongwa, naso sidutshulwe sabulawa ebusuku silele, ngendlela ethi mayifane.

“Le nto eyenzeke lana izolo ebusuku isiyasimangaza ngoba kakukapheli nesikhathi esingakanani kubulawe ilungu lakuwona lo mndeni elathi lilele, ladutshulwa ngabesilisa abangaziwa, sashonela khona endlini.

“Nakumufi sizwe kuqhuma isibhamu nje, kwaphuma izingane zikhala, zibaleka ebusuku,” kusho ilungu lomphakathi.

Ikhansela kuleli wadi, uMnu Sfundo Ngwane, liqinisekisile ukuthi senzekile lesi sigameko, lathi amaphoyisa abesematasa endaweni yesigameko.

INTATHELI YELANGA

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...