Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kudutshulwe kwabulawa owesifazane phambi kwezingane

Kudutshulwe kwabulawa owesifazane phambi kwezingane

by | 25 December 2024

UHLALELE ovalweni umndeni wowesifazane waseThafeni, KwaQwabe, ePort Shepstone, ohlaselwe edutshulwa phambi kwezingane zakhe izolo ngoLwesibili ebusuku.

UNkz Princess Zamekile Hlongwa (37), kuthiwa ungenelwe ngabesilisa abangaziwa, bamdubula ekhanda amahlandla amahlanu. Ngokuthola kweLANGA, lokhu sekushiye lo mndeni unovalo ngenxa yokuthi nangoNdasa, esinye sezihlobo zakhe uNkz Hlongwa, naso sidutshulwe sabulawa ebusuku silele, ngendlela ethi mayifane.

“Le nto eyenzeke lana izolo ebusuku isiyasimangaza ngoba kakukapheli nesikhathi esingakanani kubulawe ilungu lakuwona lo mndeni elathi lilele, ladutshulwa ngabesilisa abangaziwa, sashonela khona endlini.

“Nakumufi sizwe kuqhuma isibhamu nje, kwaphuma izingane zikhala, zibaleka ebusuku,” kusho ilungu lomphakathi.

Ikhansela kuleli wadi, uMnu Sfundo Ngwane, liqinisekisile ukuthi senzekile lesi sigameko, lathi amaphoyisa abesematasa endaweni yesigameko.

INTATHELI YELANGA

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...