Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Bebefunelwa ukuduna imoto yemali’ abafe bedubulana namaphoyisa

‘Bebefunelwa ukuduna imoto yemali’ abafe bedubulana namaphoyisa

by | 2 April 2025

BASALE enkundleni abalisa abahlanu ngesikhathi itholene phezulu ngezulu lezandla phakathi kwabo amaphoyisa namuhla ntambama eBonela, eThekwini.

Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, abafi bayanyaniswa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esenzeke ngoMsombuluko ku-M25 eDuffs Road, eduze kwaKwaMashu, eThekwini. 

Kuvele ukuthi bese kunesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo wabasolwa. Endaweni yesigameko kutholakale izibhamu ezingekho emthethweni.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...