Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhuthazwe ezolimo kwethulwa ingqalasizinda yamanzi

Kukhuthazwe ezolimo kwethulwa ingqalasizinda yamanzi

by | 22 July 2026

IGQUGQUZELE ukubuyela emasisweni kwezolimo esizweni sayo inkosi ku- vulwa ngokusemthethweni isakhiwo samanzi, oku- khuthazwe ukuba kuvu- lwe namadamu okuzo- phuza kuwo imfuyo, ku- tshalwe. 

INkosi uVukani Ntombela yaseBabanango iveze lokhu ngempelasonto eNhlengile, eBabanango ngesikhathi iSekela likaMengameli wezwe uMnu Paul Mashatile, neSekela likaNgqo- ngqoshe we- zaManzi ne- zokuKhucu- lulwa kwe- ndle uMnu David Mahlo- bo, beyovula le ngqalasizi- nda, edle u-R190 mi- llion

Lokhu ba- kwenze begubha usuku lu- kaMandela, okuwusuku oluthathwa ngokuthi ku- sizwa abantu ngalo. 

Inkosi ithe esizweni sayo alukho ugwadule, yindawo enenhlabathi enothile, kodwa bekunzima ukuba abantu bayo batshale, bafuye.

“Lolu hlelo luzosiza kakhulu abantu ngoba kule ndawo sisa- kholelwa ekulimeni. Bekunzima-ke ukuthi kwenzeke ngendlela esifisayo ngayo, ngoba ibinkulu inki- nga yamanzi endaweni. Nginethe- mba lokuthi konke kuzokwenzeka kahle, ngoba asisekho isililo,” kusho iNkosi uNtombela.

UMashatile uthe amanzi azosiza imizi engaphezulu kuka-2000. Uthe amapayipi afakiwe ahamba iba- nga elingaphezulu kuka-46km. 

“Asisabi lutho ngomsebenzi omuhle owenziwe wuhulumeni, uyagculisa. Nginxusa umphakathi ukuba uvikele lesi sakhiwo ngoba baningi abantu abafuna amanzi kodwa abawatholi. Uma seniwa- tholile, waphatheni kahle, niwasebenzise ngendlela efanele ezoni- lekelela,” esho.

Uthe kuzophuma amalitha awu-5000 amanzi ahlanzekile nsuku zonke, ezindaweni okubalwa kuzona iNgwebeni, iNkanini, iNkonja- ne naseNkangala. 

Ilungu lomphakathi uNkz Li- ndiwe Zulu lithe, namanje kuse- nzima ukukholwa ukuthi sebephumile enkingeni yesomiso.

“Siyabonga kakhulu belingase- kho ithemba,” esho. Le ngqalasizinda yamanzi ifakelwe nama-solar, ukuze kungaphazamiseki isiphehli-manzi ngenxa yokuhamba kukagesi

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...