
SIBUSISWE wumholi webandla lamaNazaretha elidume ngokuthi ngelaKwaShembe, ohlangothini lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe, isakhiwo sika-R140 million esisesigodlweni eNyokeni, KwaNongoma.
Lesi yisakhiwo esakhiwa wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke. Umsebenzi waso wenganyelwe wuMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi. Siyindawo yokuhlala abantu abangaphezulu kuka-2000 uma kunemicimbi nemihlangano emikhulu.
Ezinyangeni ezedlule, kuke kwasuka umsindo ngalesi sakhiwo, emuva kokuba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sisimemezele ukushintshwa kwesigodlo sokubanjelwa kwemikhosi emikhulu okungowoKweshwama, owesiVi-vane nowoMhlanga. UNyazi lubusise lesi sakhiwo luhamba neSilo.
UNyazi lwethule inkulumo ehambisana nentshumayelo esigodlweni samaZulu, eNyokeni, emkhulekweni wamalungu aleli bandla obanjwa minyaka yonke ngenyanga kaLwezi (November). UNyazi luthe uwodwa umthandazo okufanele usetshenziswe ngamakholwa ezikhathini zanamuhla, ngowokucela nokunxusa uNkulunkulu ukuba awasize, angaweli esandleni sobubi.
“Inhliziyo yami ibuhlungu uma ngibona abantu abasha abaningi, bethanda kangaka uphuzo oludakayo. Ngiyaye ngizibuze ukuthi yona imizi izovuka uma kunje? Uma ungumfana odakwa ngokwedlulele, kuzokwenzeka ucele intombi ikuvakashele, kuthi lapho isifikile, uvele uyikhohlwe nokuthi ikhona.
“Okuzolandela lapho intombi isiyolinda ukuthi kuse ibone efike ngayo, ingaphinde ibuye kuwe. Kuzwisa ubuhlungu ukudakwa kwezingane ezizalwa ngamakholwa. Uma uyingane ezalwa yikholwa bese uphuza, mancane amathuba okuphumelela kwezifiso zakho.
“Ngiyazi ukuthi abanye bangena ogibeni ngoba beholelwa ophathe ngabangani babo. Uma unesifiso sokuba kuphumelele izinto zakho, kufanele uyeke abangani, kodwa uphile impilo nabafowenu. Ngifisa ukuba nifunde izwi encwadini yomphrofethu u-Isaih 5:11,” kuyala uNyazi.
ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini siqinise idolo abesilisa maqondana nesiphakamiso samakhosi namalungu omphakathi, sokuba kubuyekezwe indaba yenani lelobolo.
“Bakwethu, kukhona esikwenzayo nesikuxoxayo. Sinezinhlelo esi-phezu kwazo. Udaba lwelobolo siyaluxoxa. Okubuhlungu wukuthi kwawona la madoda esikhuluma ngawo, ayingcosana. Indoda kufanele kube yindoda, kungabi yindoda nje ngokulengisa ama…***nde. Nani bodadewethu ngiyabona ukuthi selokhu nibhekile, kanti ilanga liyashona, kodwa lutho abakhwenyana,” kuphetha iMbube.







