
MTHOBISI SITHOLE
KUQASHWE abahlali basemahostela abangasebenzi baqoqwe kuwona wonke amahostela aseThekwini.
Baqashwe ngaphansi kohlelo lwe-EPWP oluvulwe umnyango wezokubusa ngokubambisana neZindaba zoMdabu KwaZulu-Natal. Lolu hlelo lugxiliswe emabuthweni eSilo uMisuzulu kaZwelithini okubalwa nezinduna zamahostela.
Bawu-120 sebebonke abaqashwe namhlnaje emcimbini ebekade usehholo lomphakathi esigcemeni sakwa-T eMlazi eThekwini.
UNgqongqoshe walo mnyango uMfu Thulasizwe Buthelezi, umemezele ukuthi kufike kuyena uMnu Mavava Sikhakhane emahhovisi omnyango wazocelela ukuthi kubhekelelwe abahlali basemahostela abangatohozi ethi basele emuva empilweni.
“UMavava ufike kimi nezinduna wacela, washo ukuthi naye uhlalile isikhathi eside ehostela engasebenzi, uyalwazi usizi lokulala ngamanzi kungekho lutho esiswini.,” esho.

UNgqongqoshe uthe laba abaqashiwe bazofundisa umphakathi ngemvelo yamanzi, imfucuza, ukuvula amapayipi amanzi avalekile, abanye bezobhekana nezomdabu kwimkhosi yaseNdlunkulu kubahlali basemahostela baqoqe intsha.
Uthe ngokujwayelekile abantu basemahostela babukelwa phansi bavalelwe ngaphandle emathubeni amatoho.
Ngakolunye uhlangothi uMnu Mavava Sikhakhane, ubonge ungqongqoshe ngokusukumela phezulu izimfuno zabantu.
Kulolu hlelo baqashiwe nabesifazane.
Mthobisis@ilanganews.co.za






