
KUNXUSWA umphakathi wasoPhongolo namaphethelo ukuqaphela kulandela ukweqa kwebhubesi esiqiwini, iMkuze Falls Game Reserve. Ngokusho kwabeKZN Ezemvelo Wildlife, leli bhubhesi ligcine ukubonakala eduze komgwaqo u-R66, phakathi kwasoPhongolo naKwaNongoma.
UMnu Musa Mntambo, weKZN Ezemvelo, unxuse abantu umphakathi ukuba ibikele iziphathimandla namaphoyisa, uma ubona leli bhubesi.
“Uma kwenzeka umuntu ehlangana naleli bhubesi, ezibona esengozini, kumele angatatazeli, angabaleki ngoba ngeke ulishiye ibhubesi. Ongakwenza wukuphakamisa izandla ukuze ibhubesi likubone sengathi umkhulu kunalo, azame ukuqhela kancane kancane kulona. Uma nihamba niyiqoqo, kunganisiza ukungahlukani, ukuze kubonakale sengathi nibaningi,” esho.
Uthi izilwane imvamisa ziyabesaba abantu, into yokuqala eziyenza uma zihlangana nabo wukubaleka, umuntu zimhlasela uma zibona sengazi kazisaphephile.







