Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uzoqala ngokufakaza kwikhomishana kaMadlanga uMkhwanazi

Uzoqala ngokufakaza kwikhomishana kaMadlanga uMkhwanazi

by | 9 September 2025

UZOQALA ngokuyofakaza kwiKhomishana kaMadlanga uMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi obesematheni ngempelasonto kulandela imibiko ethi “umise ukuyofakaza” ekomidini lasePhalamende eliphenya ngezinsolo ezithinta ukuziphatha kwezikhulu zamaphoyisa kuleli, nenkohlakalo okusolwa ukuthi idla lubi emaphoyiseni.

Ngeledlule uMnu Julius Malema uzwakale enengeka emuva kokuba uMkhwanazi ezwakalise ukuthi ngeke akwazi ukuyokwethula ubufakazi kuleli komidi ngesikhathi ebelimdinga ngaso, ngenxa yesivumelwano abesesenzile sokuqala ngokuyofakaza kwikhomishana eholwa yijaji eselithathe umhlalaphansi, uJaji Mbuyiseli Madlanga.

UMalema uthe leli komidi ngeke lizwe ngoMkhwanazi, kumele limphoqe ukuba ayovela phambi kwalo. Ngemuva kwalokho uMkhwanazi ucashunwe emithonjeni eyahlukene yabezindaba ezwakalisa ukuthi akanqabanga ukuyovela kuleli komidi lasePhalamende, kodwa limcele eseze wenza isivumelwano neKhomishana kaMadlanga sokuba ayovela kuyona kuqala, ngaphambi kokuyofakaza kwezinye izindawo.

Ngokubika kwe-EWN, u-Adv Norman Arendse waleli komidi lasePhalamende ngoLwesihlanu uveze ukuthi izingxoxo zekhomishana noMkhwanazi sezihambe ibanga elide. Usho lokhu ekhuluma kuleli komidi mayelana namalungiselelo okuqala kophenyo lwalo.

U-Arendse uthe useke waxoxisana nabeKhomishana kaMadlanga esiqalile ukuqoqa ubufakazi obufungelwe. Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kwesithangami sabezindaba esenziwa nguMkhwanazi, lapho aneka khona izinsolo zamahlazo enzeka emaphoyiseni, abandakanya izikhulu eziphezulu zeSAPS, kwathinteka ngisho igama likaMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa, kwasuka isiphithiphithi.

UMengameli Cyril Ramaphosa wamisa emsebenzini uMchunu, wabe esesungula le Khomishana kaMadlanga.

USomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza wasungula ikomidi elihlanganisa amaqembu ahlukene asePhalamende, elizokwenza umsebenzi oseceleni wokuphenya ngalezi zinsolo zenkohlakalo emaphoyiseni.

Kubikwa ukuthi leli komidi lasePhalamende selengeze negama likaMnu Bheki Cele njengomunye wabazokwethula ubufakazi phambi kwalo. Lokhu kulandela umbiko weNews24 wokuthi uCele ubenobudlelwano nomsolwa oqavile ezigamekweni ezahlukene uMnu Vusi “Cat” Matlala, lapho kwavela ukuthi kunezikhawu lapho (uCele) ayemfonela kashumi ngosuku olulodwa, ngaphambi kokuba aboshwe (uMatlala).
lucky.cain@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...