
IBIHLANGANISE abakuleli nabaseSwazini indumezulu yomcimbi wesilomo somculi kamaskandi uGatsheni,
ebingempelasonto, enkundleni yezemidlalo eNcotshane, oPhongolo.
Kulo mcimbi oqale ngoMgqibelo emini kwaze kwasa ngeSonto ekuseni, kuthiwa abantu bebengangezimpethu zendlovu. Okuqaphelekile wukuthi izinga lomcimbi kulo nyaka likhule kakhulu uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Ngokuthola kweLANGA, abantu abahambele lo mcimbi bebevela ezindaweni ezihlukene, okubalwa kuzona i-Ermelo, iPiet Retief, iDumbe, uNongoma neSwazini. Umcimbi awubanga nazinkinga njengoba ukubuthelana kwabantu enkundleni kuqale emini, okuthe sekushona ilanga, bekungasangeneki kalula enkundleni.
UGatsheni uthe bekungelula ukwenza lo mcimbi ngenxa yokungatholakali kwabaxhasi. Uthe uthando olukhonjiswa ngabantu kuyena, yilona olumkhuthazayo ukuba aqhubeke nalo mcimbi.
“Ngibonga kakhulu uThobani Mema wenkampani iKuhleliwe Holdings, ongilekelelayo kakhulu kusukela ngaqala umculo. Akazange aphele amandla, kwaze kwaba ngiyavelela emculweni. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi, wagqugquzela ukuba umcimbi wenziwe ukuze namaciko amaningi asendaweni yakithi, athole ithuba lokuzikhangisa phambi kwabantu abaningi.
“Ngibonga kakhulu kubantu abaphume zonke izinkalo, bakholelwa kimi, nabantu basoPhongolo ngokuthi bawamukele lo mcimbi osukhombisa ukukhula,” kusho uGatsheni.
Ukuhleleka kwalo mcimbi kubonakale ngokuqiniswa kwezokuphepha kusukela umcimbi uqala, waze waphela. Phakathi kwabaculi ebebeyizimenywa, kubalwa uBig Zulu, uDuncan, uLimit, uNjabulo Langa, uKhuzani, iGcokama Elisha, uMroza, uJumbo, uMafikizolo, uMenzi, uNtencane, uZakwe, uDumakahle, uMdumazi, Amageza Amahle, iQwabe Twins, uBahubhe, uMjolisi nabanye.







