
OSOSESHINI yibona abazozisholo, ngokubuka izimo zabo, ukuthi bazoyenyusa ngamalini imali yokugibela amatekisi KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe nguMnu Sifiso Shangase osehhovisi leSouth African National Taxi Council (Santaco) eMgungundlovu, othe bazokuba nomhlangano namalungu abo ngoLwesibili, ukuhlahla indlela emuva kokwenyuswa kwentengo kaphethiloli ngoLwesithathu olwedlule.
Kunengebhe ngokuthi ingase yenyuke kakhulu imali yokugibela amatekisi njengoba uphethiloli wenyuswe ngo-R3.06 elitheni, kwathi udizili wanyuka ngo-R7.37 no-R7.51 ngokushiyana kwezinhlobo zawo. UShangase uthe ngeke babeke inani elilodwa, okuzokwenyuka ngalo imali yokugibela amatekisi, ngoba izimo osomatekisi abasebenza ngaphansi kwazo, kazifani.
“Okwethu wukuthi sizobeluleka ososeshini ekuthatheni izinqumo, ukuthi nakuba kumqoka ukuthi amabhizinisi abo angawi, kodwa mabawucabangele umphakathi, babuqonde ububha obugcwele ezweni. Osomatekisi bangosomabhizinisi, kanti ebhizinisini kumele uwacabangele amakhasimende akho ukuthi azokwazi yini ukumelana nezindleko zosizo owahlinzeka ngalo,” esho.
Wethembise ukuthi ushintsho emalini yokugibela ngeke lwenziwe isigubhukane.
“Abagibeli bazonikwa isikhashana ukuzilungiselela. Uma ososeshini sebezithathile izinqumo zabo, kuzophanyekwa amaphepha ezaziso ezimotweni, ukuze umuntu angathuki uma efika etekisini ngakusasa, athole itekisi selenyukile, engazi.”
Uveze ukuthi izinqumo ezizothathwa manje, kuzokuba ngezesikhashana, zizobuyekezwa ekuhambeni kwesikhathi, njengoba isinqumo sikahulumeni sokwehlisa intela i-fuel levy ngo-R3, kusamenyezelwe ukuthi kuzokuba ngesenyanga eyodwa.
Kunetwetwe lokuthi kuzokwenyuka intengo yezimpahla (inflation) ngenxa yokwenyuka kwentengo kaphethiloli, njengoba ukudla kuhanjiswa ngamaloli, iningi lawo asebenzisa udizili. Imbangela yalokhu wukwenyuka kwentengo kawoyela emhlabeni, okudalwa yimpi eqhubekayo phakathi kombimbi lwe-Israel neMelika, abalwa ne-Iran, engelinye lamazwe akhiqiza uwoyela omningi emhlabeni.







