Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-KZN neMpumalanga baphambili ngabafundi ababanjwe bekopela ka-matric 2024

I-KZN neMpumalanga baphambili ngabafundi ababanjwe bekopela ka-matric 2024

by | 13 January 2025

IKWAZULU Natal neMpumalanga yizona zifundazwe ezihambe phambili ngokutholakala kwabafundi ababanjwe bekopela ngesikhath kunezivinyo zikamatikuletsheni ngonyaka owedlule.

Lokhu kuvezwe yiCEO ka-Umalusi uMnu Mafu Rakometsi ngesikhathi ephawula ngemiphumela kamatikuletsheni okulindeleke ukuthi imenyezelwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo eNingizimu Afrika uNkz Siviwe Gwarube ngoMsombuluko kusihlwa.

Umalusi uveze ukuthi babalelwa ku-407 abafundi ababanjwe bekopela lezi zivivinyo zika-2024 ezweni lonke.

URakometsi uthe iKZN neMpumalanga yizona eziqenqeleze phambili ngesibalo sababanjwe bekopela.

Uveze ukuthi iKZN kubanjwe abafundi abawu-195 kwathi eMpumalanga baba wu-74.

Uqhube ngokuthi nakuba lesi sibalo sehlile uma kuqhathaniswa neminyaka edlule kodwa kusaqhubeka nokumkhathaza ukuthi kusenabafundi abasabona kuyindlela yokuphumelela ukukopela.

Kubikwa ukuthi bangaphezulu kuka-800 000 abafundi abahlelele izivivinyo zikamatikuletsheni zika-2024.

NgoMsombuluko Umalusi ukuphasisile ukudedelwa kwale miphumela ezweni lonke njengoba eveze ukuthi nakuba kube nezihibe ezincane kodwa konke kuhambe ngokuhlelo ngalezi zivivinyo nokumakwa kwala maphepha.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...