Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-KZN neMpumalanga baphambili ngabafundi ababanjwe bekopela ka-matric 2024

I-KZN neMpumalanga baphambili ngabafundi ababanjwe bekopela ka-matric 2024

by | 13 January 2025

IKWAZULU Natal neMpumalanga yizona zifundazwe ezihambe phambili ngokutholakala kwabafundi ababanjwe bekopela ngesikhath kunezivinyo zikamatikuletsheni ngonyaka owedlule.

Lokhu kuvezwe yiCEO ka-Umalusi uMnu Mafu Rakometsi ngesikhathi ephawula ngemiphumela kamatikuletsheni okulindeleke ukuthi imenyezelwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo eNingizimu Afrika uNkz Siviwe Gwarube ngoMsombuluko kusihlwa.

Umalusi uveze ukuthi babalelwa ku-407 abafundi ababanjwe bekopela lezi zivivinyo zika-2024 ezweni lonke.

URakometsi uthe iKZN neMpumalanga yizona eziqenqeleze phambili ngesibalo sababanjwe bekopela.

Uveze ukuthi iKZN kubanjwe abafundi abawu-195 kwathi eMpumalanga baba wu-74.

Uqhube ngokuthi nakuba lesi sibalo sehlile uma kuqhathaniswa neminyaka edlule kodwa kusaqhubeka nokumkhathaza ukuthi kusenabafundi abasabona kuyindlela yokuphumelela ukukopela.

Kubikwa ukuthi bangaphezulu kuka-800 000 abafundi abahlelele izivivinyo zikamatikuletsheni zika-2024.

NgoMsombuluko Umalusi ukuphasisile ukudedelwa kwale miphumela ezweni lonke njengoba eveze ukuthi nakuba kube nezihibe ezincane kodwa konke kuhambe ngokuhlelo ngalezi zivivinyo nokumakwa kwala maphepha.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....