NONHLAKANIPHO SHINGA
BUPHUME ngezinkani ukuholi be IFP KwaZu-Natal, buyokhankasa kuWard 16 eMtubatuba, njengoba kuzokuba nokhetho lokuchibiyela kuleya wadi ngomhla ka-4 kuZibandlela (December).
USihlalo we-IFP, uMnu Thami Ntuli, obuye abe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal ubehola amakhansela nezimeya zakwezinye izindawo, bephuma bengena emizini yabantu, bekhankasela ukuthi bavotele ikhansela laleli qembu.
Izolo ubuholi bophiko lwentsha lweNkatha, i-IFP Youth Brigade, bebuhlasele khona kuWard 16, buholwa nguSihlalo kuzwelonke, uMnu Sanele Zondo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuvuleke isikhala kulo masipala ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMnu Musawenkosi Qhina “MQ” Mkhwanazi obeyikhansela kuleli wadi, abuye abe nguMgcinimafa we-IFP esifundazweni.
UMkhwanazi wake waba nayimeya kuMasipala Inkosi uMtubatuba. Kuleli sonto elizoqala kulindeleke ukuthi uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, ahambele khona kuleli wadi, ukuyogaya amavoti.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za