
OBEYISIKHULU samaPhoyisa eCrime Intelligence, uMnu Faroz Khan akazovezwa kuthelevishini ethula ubufakazi bakhe kwiKhomishini kaMadlanga namuhla.
UKhan osekunesikhathi anikwa incwadi emphoqa ukuthi azokwethula ubufakazi kule khomishini, ubehlala eqhamuka nezizathu eziningi zokungaveli kuyona. Ngokwezinhlelo zeKhomishini kwakumele avele okokuqala kuyona ngomhlaka 1 kuNtulikazi (July) nonyaka kodwa kwangenzeka njengoba avelelwa wumshophi wokudutshulwa wagcina elaliswe esibhedlela. Ubephinde wanikwa ezinye izinsuku njengoba bekulindeleke ukuthi abe kule khomshini ngasekupheleni kwenyanga edlule uMandulo (September) kodwa nakhona wafaka incwadi kadokotela ebivimbela ukuthi avele bukhoma kuyona.
Ijaji uMbuyiseli Madlanga belivele lingayizwa kahle indaba yokubalekela ukuvela kule khomishini kukaKhan. Belikhala ngokuthi nencwadi kadokotela aliyikholwa kodwa lisola ukuthi uyena uKhan nommeli wakhe abatshela udokotela ukuthi babhale ukuthi ngeke akwazi ukuvela bukhoma kuyona ngenxa yesimo sempilo yakhe. Kuyona incwadi bekuvela nokuthi uKhan kumele anikwe nesikhathi sokuphumula uma esekhathele ngoba akakaphili kahle.
Njengoba engasezovela bukhoma kuvela nokuthi omunye abesondelene naye uKhan udutshulwe wabulawa izolo ebusuku eKurhuleni. IMadlanga izobheka nalolo daba lokubulawa kwalo obesondelene noKhan.
UKhan kumele azophendula kwikhomishini ngezinsolo eziningi ezibhekiswe kuyena, okukhona kuzona ubudlelwano bakhe nowayeyisikhulu se-IDAC, u-Adv Andrea Johnson owasula isigubhukane kulolu phiko ngesikhathi ephekwe ngemibuzo kwiMadlanga. Ezinye izinsolo ezibhekene noKhan ezonkohlakalo nokungaziphathi kahle emaphoyiseni.







