Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Intobeko nokuzigqaja kodlala indawo kaShaka

Intobeko nokuzigqaja kodlala indawo kaShaka

by | 21 May 2025

UPHAWULA ngokuthobeka okuhambisana nokuzigqaja ngokudlala indawo yeLembe eleqa amanye amaLembe umlingisi uLemogang Tsipa odlala le ndawo emdlalweni kamabonakude iShaka Ilembe okulindeleke ukuthi kubuye isizini yesibili esiteshini sikamabonakude esingaphansi kweMultichoice, iMzansi Magic.

Lo mdlalo wethulwe phambi kwababukeli izinsuku ezintathu enxanxatheleni yezitolo iGateway, kusukela ngoLwesine kwaze kwaba izolo ngeSonto lapho izinkumbi zabantu zithole ithuba lokubona abanye babalingisi balo mdlalo nabanye osaziwayo ababonakala ezinhlelweni ezingaphansi kwalesi siteshi.

Phakathi kwabalingisi balo mdlalo ababe yingxenye yalolu chungechunge lwezinsuku ezine kubalwa uNomzamo Mbatha odlala indawo kaNandi kulo mdlalo, uLemogang odlala ekaShaka, uThembinkosi Mthembu odlala ekaDingiswayo, uWiseman Mncube odlala ekaZwide, uFanele Zulu odlala ekaMgobhozi noLungani Mabaso odlala eNcoboka. Laba balingisi bakwazile ukuba yingxenye yalolu chungechunge, bakwazi nokuthatha nezithombe nabanye babalandeli babo. ULemogang uxoxe neLANGA ngokudlala le ndawo nangezingqinamba ahlangabezane nazo eqopha lo mdlalo. Uthe okukuqala uzizwa ethobekile ngokuthenjwa ngale ndawo yaleli qhawe elithathwa njengombumbi wesizwe samaZulu.

Uqhube ngokuthi ukuthobeka kwakhe kuhambisana nokuzigqaja ngekhono lakhe lokuthi ukwazile ukudlala le ndawo isizini yokuqala nakuba kube nezinkulumo ezahlukene ngendawo yakhe. “Izinkulumo zazivese zizoqhamuka futhi yinto umuntu ayeyilindele ngesizini yokuqala, okuhle ngesizini yesibili wukuthi umuntu usekhulile futhi usesayiqonda nengcindezi eza nokudlala le ndawo,” kusho yena. Uthe unethemba lokuthi abantu bazoyithokozela isizini yesibili yalo mdlalo ngoba isiveza elinye uhlangothi lokungena kwakhe esihlalweni. “Lizophinde liveze ukuthi nakuba ayeyindoda enamandla futhi enobuhlakani kodwa wayengumuntu onalo nohlangothi lokuba buthaka ikakhulukazi kwezothando ngoba ekugcineni wayengumuntu,” kusho uLemogang ekuveza ukuthi abantu kumele bakuqonde ukuthi lona wumdlalo, ngeke uveze okuyikhona ngqo ngempilo yaleli qhawe kodwa kuzosondela empilweni ayeyiphila.


ULemogang uthe ngaphandle kokulingisia le ndawo kodwa uyafunda ngomlando wakwaZulu nokuyinto emenza akuthokozele ukudlala le ndawo. Utshele leli phephandaba ukuthi nakuba ekuthokozele ukudlala le ndawo kodwa uhlangabezane nezingqinamba ngesikhathi eqopha, bebevuka ngovivi kusemakhaza kanti akazwani namakhaza. “Ngikhulele eMpangeni endaweni efudumele ngakho amakhaza yinto engingazwani nayo. Lapho besiqophela khona besike sifike kulele ungqoqwane kumele sigijime ngezinyawo singagqokile ngokugcwele, uyacabanga ukuthi bekuba nzima kangakanani,” kusho lo mlingisi. Lo mdlalo kulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa kumabonakude ngomhla ka-15 kuNhlangulana (June).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...