Ilanga News
Home 9 Featured 9 Injabulo kuvulwa ngokusemthethweni irenki yamatekisi eBallito

Injabulo kuvulwa ngokusemthethweni irenki yamatekisi eBallito

by | 9 April 2025

KUBE yinjabulo kumalungu omphakathi waKwaDukuza namaphethelo kuvulwa ngokusemthethweni irenki yamatekisi esithuthukisiwe eBallito izolo ngoLwesibili.

Umphakathi ubuthwala kanzima uma uyogibela amatekisi njengoba ibala ebeselisetshenziswa njengerenki, engaphansi kweDolphin Coast Taxi Association (DCTA), belisesigangeni, futhi lingakhonkiwe.

Yethula inkulumo emcimbini wokuvulwa kwale renki, iMeya yaKwaDukuza uMnu Ali Ngibi, ithe babone kubalulekile ukuthuthukisa ingqalasizinga yamatekisi ngoba idlala indima emqoka ekuthuthukiseni umnotho wendawo.

Le renki ibalulekile ngoba iphinde ixhumanise idolobha lakwaDukuza nezindawo ezakhe iTheku ezinjengeVerulam, uMhlanga, uThongathi nasenkabeni yedolobha iTheku.

“Le renki ayigcini nje kuphela ngokuba yisakhiwo, kodwa iwubufakazi bokuzibophezela kwethu ekwakheni izindawo zokuhweba ezingcono futhi ezivuleleke ngokulinganayo kuzona zonke izakhamizi,” esho.

UMnu Simphiwe Nxumalo, ongumgibeli wetekisi, uthe bekuba nzima kakhulu kule renki, ikakhulukazi uma linetha noma kushisa.

“Besixhafuza udaka, kushinilika, sinethwa yimvula njengoba lapho besigibelela khona belungekho uphahla,” esho.

UMnu Siyabonga Ntombela, okhulumela iDCTA, uthe nakuba bekuthokozela abakwenzelwe wumasipala, kodwa babona le renki izokuba ncane kakhulu njengoba siqhubeka nokwanda isibalo sabantu abasebenzisa idolobha laseBallito.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...