Ilanga News
Home 9 Featured 9 Elezepolitiki leseka uZungu kwesokuhola iSAFA

Elezepolitiki leseka uZungu kwesokuhola iSAFA

by | 11 September 2026

IQEMBU lezepolitiki i-ActionSA seliphumele obala ngokweseka uMnu Sandile Zungu emjahweni wokuba uMengameli wenhlangango yebhola likanobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (SAFA) njengoba ngoMgqibelo kulindeleke ukuthi le nhlangano ikhethe ubuholi obusha.

UZungu usembangweni noDanny Jordaan ovele esiqhoqhobele lesi sikhundla. UJordaan ugaqele ihlandla lesine kulesi sikhundla asesoqhoqhobale iminyaka.

UMnu Zwakele Mncwango onguSihlalo waleli qembu KwaZulu Natal uthe leli qembu liyameseka uZungu ukuba kube nguyena uMengameli wale nhlangano.

Uthe iSAFA idinga ubuholi obuqinile futhi obuqotho obuzokwazi ukuqinisa ubudlelwano nokuthuthukisa ibhola likanobhutshuzwayo emazingeni aphansi.

UMncwango uthe uuyakholelwa ukuthi ubuholi bukaZungu nesipiliyoni anaso kwezamabhizinisi bangakwazi ukuyisimamisa le nhlangano.

Uthe njengesifundazwe bayazigqaja ngokuthi omunye wabo usephakamise isandla ukuzibophezela ukufukula ibhola laseNingizimu Afrika.

UMncwango uthe njenge-ActionSA banxusa zonke izinhlaka zeSAFA esifundazweni ukuba zeseke uZungu kulesi sikhundla esimqoka.

Khona manjalo ezinye izinhlaka zebhola likanobhutshuzwayo KwaZulu Natal seziphumele obala ngokuthi zizokweseka uJordaan ukuba aqhubeke nokuhola le nhlangano.

Kulindeleke ukuthi lishone elangoMgqibelo esemenyezeliwe ozohola le nhlangano enkulu yebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...