
LIZOQALA ukuqulwa ngo- April wonyaka ozayo icala likaThabo Bester, isinqandamathe sakhe uDkt Nandipha Magudumana nabanye abawu-8 ababoshwe nabo. Lokhu kuvele namuhla ngesikhathi laba bevele eNkantolo eNkulu yaseFree State. Ngesikhathi laba bevele enkantolo, uBester noMagudumana bebengekho enkantolo kodwa bevele ngezobuchwepheshe.
Bonke laba basolwa babhekene necala lukulekela uBester ngokweqa ejele laseMangaung ngo-2022. Imibiko iveza ukuthi ngo-2022, uBester owayedonsa isigwebo sikadilikajele, wahlela ukweqa esebenzisana nezisebenzi zejele ayegcinwe kulo. Kuthiwa babe sebethola isidumbu sowesilisa, abasifaka lapho okwakugcinwe khona uBester bese bashisa, nesidumbu sasha sangqongqa. Kwabe sekusabalala izindaba zokuthi uBester ushe washona ejele.
Ngonyaka olandelayo, u2023 kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana isithombe sikaDkt Magudumana noBester besesitholo, eTanzania. Kuwo lowo nyaka baboshwa babuyiselwa kuleli. Leli cala selibe nokubambezeleka okuningi, okuningi kukho kudalwa uwuye uBester. Uphenyo lwaveza ukuthi isidumbu esashiswa lapho okwakugcinwe khona uBester ngesika-Katlego Bereng Mpholo (32).
Kuthiwa sathathwa emakhazeni kahulumeni. Namuhla inkantolo izwe ukuthi zonke izinhlangothi, olombuso nolwabammangalelwa sezikulungele ukuqala kokuqulwa kwecala. Ijaji uMareena Opperman, likubekele kusuka ku-April kuya kumhlaka 18 June 2027 ukulalelwa kwalo.







