Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Isoka libulale intombi kubangwa ikhadi lempesheni yokugula’

‘Isoka libulale intombi kubangwa ikhadi lempesheni yokugula’

by | 8 October 2025

LIGCWELE izinkalo isoka elisolwa ngokushaya libulale intombi yalo, ‘kubangwa ikhadi lempesheni yokugula kwayo’. Umsolwa eligodliwe igama lakhe, usolwa ngokushaya ngetshe uNkz Xolile Shabangu (49) oThobothini, eJozini.

Ngokusho komthombo osondelene nalolu daba, kuvela ukuthi isoka, okungelokuzalwa eManyiseni, eNgwavuma, lafika endaweni lizobamba itoho kwenye yezinkampani eyakha izindlu.

“Lo bhuti wafika lapha endaweni wathandana nalo mama. Lona wesifazane ubesenesikhathi eside ehola impesheni yokugula njengoba ubengumuntu ophila nesifo esithile. Nyanga zonke isoka beliyaye lithathe ikhadi, liyokhipha imali yakhe yempesheni, lithenge elikuthandayo.

“Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko, sithole isidumbu sikamufi silengiswe phezulu endlini. Abanye omakhelwane basitshele ukuthi owesilisa ubethatha imali kamufi ayisebenzisele ukuqonywa ngayo ngabanye abantu besifazane.

“Ikhadi lempesheni kamufi litholakale kowesifazane eliqathake kuyena ngesikhathi kwenziwa uphenyo. Isoka libalekile ngoba lesaba ulaka lomphakathi obudiniwe yilesi senzo,” kusho umthombo.

ILANGA lixhumane noMnu Joseph Ngubane, oyilungu leCPF yaseJozini, oveze ukuthi isidumbu sikamufi sitholakale sinezimpawu zokushaywa, maqede salengiswa.

“Okuyizinkomba zokuthi uqale washaywa kube yigazi elibonakele kwenye ingxenye yendlu. Intombazane ethandana nalona wesilisa ithe icela ukugonyuluka lonke iqiniso ngokwenzekile. Kulapho-ke okuvele khona igama lesoka.

“Sinethemba lokuthi amaphoyisa azokwenza uphenyo lwawo oluzoholela ekutheni kuboshwe abathintekayo kulei sigameko,” kusho uNgubane.

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt-Col Paul Magwaza uthembise ukubuya nezimpendulo kuleli phephandaba ngalolu daba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyelile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...