Ilanga News
Home 9 Featured 9 EyaseLuthela nekhwelo lokulwa nesihlava seGBV

EyaseLuthela nekhwelo lokulwa nesihlava seGBV

by | 11 June 2026

IHLABE ikhwelo lezwakala inhlangano yamaDoda Omkhuleko aseLuthela ngaphansi kweDurban Circuit njengoba ebambe imashi yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

NgeSonto amalungu ale nhlangano eholwa uSihlalo wawo, uMnuz Sbu Kunene, angene ezitaladini zaseClermont kuwadi 21 edlulisa umyalezo oqinile ngemashi ephelele esakhiweni saleli bandla khona kuleli lokishi lapho edlulisele uhlu lwezikhalo kuMphathisiteshi wamaPhoyisa KwaDabeka, uColonel Mohamed Sobrathi.

Amadoda abewudlubhe uphelele umfaniswano wawo, abephethe izingqwembe ezibhalwe imiyalezo eyahlukene ekhombisa ukungahambisani nalesi sihlava.

UMnu Kunene odlulisele uhlu lwezikhalo, uthe amalungu enhlangano yabo aphila emphakathini okwenzeka kuwo izinto ezingalungile.

“Ezinye zalezi zigameko ezigweba thina njengamadoda udlame lobulili nokudlwengula. Akuphusile ukucabanga ukuthi amalungu ethu awabalwa kulokhu,” kusho uMnu Kunene.

Uthe kuyinhloso nomkhuleko wabo ukuthi bakuveze emphakathini ukuthi bayalwa nalesi sihlava ngaphandle kokungabaza nokweseka ukuthi umthetho usebenze kwabenza okubi ngisho ngabe amalungu enhlangano yabo nabangesiwo.
Emukela uhlu lwezikhalo, uCol Sobrathi ushayele leli bandla ihlombe ngesinyathelo salo sokusebenzisana namaphoyisa ukulwa nalesi sihlava.

Uzibophezele ukusebenzisana namadoda aleli bandla emazingeni ahlukene ukuqinisekisa ukuphepha kwabesifazane nezingane.

Le mashi iqondaniswe nombuthano wale nhlangano, iDurban Circuit PML Rally, lapho kube nemikhuleko ehlanganisa isimo sezwe, ukwentuleka kwemisebenzi nemisebenzi leli bandla elibhekele nayo njengoba kuzoba nezingqungquthelangoNtulikazi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...