Ilanga News
Home 9 Featured 9 INgonyama uMswati ibhonge emswanini ngoPhapha wamaKhatholika

INgonyama uMswati ibhonge emswanini ngoPhapha wamaKhatholika

by | 22 April 2025

YINGONYAMA uMakhosetive ‘Mswati III’ Dlamini nondlunkulu wayo uNkk Nomcebo Zuma-Dlamini ngesikhathi behlangene noPhapha uFrancis.



INGONYAMA yesizwe samaSwazi uMakhosetive ‘Mswati III’ Dlamini (57) idlulise amazwi enduduzo emndenini wamaKhatholika ngemuva kokugutshezelwa yifu elimnyama lokudlula emhlabeni komholi walo.

UPope Francis ubizelwe enkosini ngoMsombuluko, ngemuva kokusongwa komgubho wePhasika. Umufi waziwa kakhulu ngamagalelo akhe emkhakheni wokugqugquzela ubunye nokuhlonishwa kwenkolo yobuKhrestu.

INgonyama uMswati III iyaziwa ukuthi ingomunye wabaholi abebenobudlelwano obuhle nomufi. Ngonyaka odlule kusabalale izithombe zabo laba baholi nondlunkulu kaMswati, uNkk Nomcebo Zuma-Dlamini, oyindodakazi kaMnu Jacob Zuma owayengumengameli wakuleli futhi ongumholi weMK Party.

Kukuwo lo mhlangano lapho khona kwaqala ukubonakala uNkk Zuma-Dlamini efake indandatho yekhethelo efakwa ngakwesokunene. Ngokusho kwababekhona kulowo mhlangano, bathi kwaqalwa ngokuthwetshulwa kwezithombe, ngemuva kwalokho laba baholi bavalelana isikhathi eside.

Akekho onolwazi ukuthi babebhunga ngaziphi izindaba. Lokhu kwenzeke ngenkathi iNgonyama uMswati III yasikade inohambo lokuvakashela amazwe ahlukene. INgonyama idlulise amazwi enduduzo ngephimbo likandunankulu wezwe laseSwazini, uMnu Russell Dlamini.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...