Ilanga News
Home 9 Featured 9 INgonyama uMswati ibhonge emswanini ngoPhapha wamaKhatholika

INgonyama uMswati ibhonge emswanini ngoPhapha wamaKhatholika

by | 22 April 2025

YINGONYAMA uMakhosetive ‘Mswati III’ Dlamini nondlunkulu wayo uNkk Nomcebo Zuma-Dlamini ngesikhathi behlangene noPhapha uFrancis.



INGONYAMA yesizwe samaSwazi uMakhosetive ‘Mswati III’ Dlamini (57) idlulise amazwi enduduzo emndenini wamaKhatholika ngemuva kokugutshezelwa yifu elimnyama lokudlula emhlabeni komholi walo.

UPope Francis ubizelwe enkosini ngoMsombuluko, ngemuva kokusongwa komgubho wePhasika. Umufi waziwa kakhulu ngamagalelo akhe emkhakheni wokugqugquzela ubunye nokuhlonishwa kwenkolo yobuKhrestu.

INgonyama uMswati III iyaziwa ukuthi ingomunye wabaholi abebenobudlelwano obuhle nomufi. Ngonyaka odlule kusabalale izithombe zabo laba baholi nondlunkulu kaMswati, uNkk Nomcebo Zuma-Dlamini, oyindodakazi kaMnu Jacob Zuma owayengumengameli wakuleli futhi ongumholi weMK Party.

Kukuwo lo mhlangano lapho khona kwaqala ukubonakala uNkk Zuma-Dlamini efake indandatho yekhethelo efakwa ngakwesokunene. Ngokusho kwababekhona kulowo mhlangano, bathi kwaqalwa ngokuthwetshulwa kwezithombe, ngemuva kwalokho laba baholi bavalelana isikhathi eside.

Akekho onolwazi ukuthi babebhunga ngaziphi izindaba. Lokhu kwenzeke ngenkathi iNgonyama uMswati III yasikade inohambo lokuvakashela amazwe ahlukene. INgonyama idlulise amazwi enduduzo ngephimbo likandunankulu wezwe laseSwazini, uMnu Russell Dlamini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...