
EZIMNANDI kumdlali weKaizer Chiefs osekhulile ngokweminyaka yobudala njengoba kuvela ukuthi le kilabhu ihlela ukumunika enye inkontileka yonyaka. IChiefs izobhekana neChippa United koweBetway Premiership namuhla ngoMgqibelo ngo-15h30 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iChiefs iya kulo mdlalo nje, uPule Mmodi (33) odlala esiswini kule kilabhu usetsheliwe ngabaphathi ukuthi inkontileka yakhe ephelayo uma kusongwa le sizini, izovuselelwa ngomunye unyaka.
Umthombo waleli phephandaba uthe: “Inkontileka kaMmodi neChiefs iyaphela uma kusongwa le sizini kodwa ujabule kwazise ubiziwe ehhovisi lale kilabhu, watshelwa ukuthi uzonikwa enye inkontileka yonyaka. IChiefs imunika le nkontileka nje, kungenxa yokudlala ngokuzinikela akukhombisa selokhu kuqale le sizini. Maduzane zizophothulwa izingxoxo bese iChiefs yenza isimemezelo.”
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba, uthe kakukho okuphambi kwakhe akutshelwe ngabaphathi mayelana nokunyakaza kwabadlali.
Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto iqhathwe kanje:
NGOMGQIBELO
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu vs Milford 15h30.
ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Kaizer Chiefs 15h30.
ESolomon Mahlangu Stadium: Kruger United vs Mamelodi Sundowns 18h00.
NGESONTO
ERoyal Bafokeng Stadium: Marumo Gallants vs Richards Bay 15h30.
EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs Siwelele 18h00.







