Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezimnandi kwezokugijima kubuya umdlali onohlonze

Ezimnandi kwezokugijima kubuya umdlali onohlonze

by | 11 March 2025

NGULUVO Manyonga ophethe irekhodi lase-Afrika leLong Jump.


KUVELE izindaba ezimnandi kwezokugijima i-Athletics South Africa (ASA) imemezela ukubuya komdlali onohlonze uLuvo Manyonga, ngaphambi kwemidlalo ye-Athletics Grand Prix Series eqala ngoLwesithathu.

Abasubathi abazokwenza kahle kulo mqhudelwano bazothola ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika kumaWorld Athletics Championships azokuba ngomhla ka-13 kuya kumhla ka-21 kuMandulo (September) eJapan.

Izindaba zokubuya kukaManyonga ziqinisekiswe ngumengameli we-ASA uJames Moloi ngesikhathi kwethulwa umlenze wokuqala kwemibili yeGrand Prix ngoLwesibili, eTshwane.


UManyonga ube sematheni kulandela ukunyamalala kwakhe, esolwa ngokucwilwa ezidakamizweni. Uke wavela ohlelweni lweMzansi Magic (157) olubizwa ngokuthi “I blew It”, napho avela ekhala, ecela usizo.


UMoloi uthe ujabule kakhulu ngokubuya kukaManyonga. Uthi iningi intsha ezogqugquzeleka ngokubuya kwakhe.

UManyonga uphethe irekhodi leLong Jump kuleli nelase-Afrika ngokweqa ibanga ibanga eliwu-8.65 ngo-2017. Ubokale okukuqala ngeledlule egijima ePaarl.

UManyonga naye uthe ujabule kakhulu ngokubuya ukuzokwena iLong Jump, okuyinto ayithandayo. Uthi nakuba engeke abe ingxenye yomjaho waseTshwane, kodwa uzokube ekhona emlenzeni wesibili ozokuba mhla ka-19 eGoli.

Umanyonga, uma efuna ukuya eJapan, kuzofanele eqe ibanga eliwu-8.27
Abanye abasubathi abalindelekile emlenzeni wokuqala nguPrudence Sekgodiso osanda kwenza irekhodi lakuleli le-800 nabanye.

Omunye umjaho obhekiwe kwezokugijima ngaphambi kokuba kuqale imidlalo yaseJapan ngowe-ASA Senior Track and Field ozoqala mhla ka-24 kuya kumhla ka-26 kuMbasa (April).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...