Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UDuma Ndlovu ukhale ngeNPA noSARS kuhlehla icala lokukhwabanisa

UDuma Ndlovu ukhale ngeNPA noSARS kuhlehla icala lokukhwabanisa

by | 2 April 2025

UMDIDIYELI wemidlalo kamabonakude uDuma Ndlovu ukhale ngophiko lwabashushisi iNational Prosecuting Authority nesikhungo esiqoqa intela iSouth African Revenue Services (Sars) ngokuqala ngokwenza okuphambene nomthetho mayelana necala abhekene nalo lokukhwabanisa nabanye nabanye asolwa nabo ababili uRodney Mutshatini noMaxwell Mloyi.

UNdlovu ubevele ngoLwesithathu eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge eGoli icala lakhe lafike lahlehliselwa umhla ka-3 kuJune.

Ukhale ngokuthi lezi zinhlaka zikahulumeni ziqale ngento obekumele zigcine ngayo njengoba eveze ukuthi yena nasolwa nabo baqale ngokuthi baboshwe lezi zinhlaka zabe seziqala uphenyo.

Uthe lokhu kukhombisa ukuphamana nomthetho futhi abameli bakhe bazenzile izethulo ngalokho.

UNdlovu ekhuluma ngaphandle kwenkantolo ukuvezile ukuthi usamile ekutheni umsulwa ezinsolweni asolwa zona.

Ubhekene namacala awu-18 okukhwabanisa intela ethinta yena nezinkampani zakhe yenani elinganiselwa ku-R26 million.

UNdlovu nasolwa nabo baboshwa ngomhla ka-30 kuSeptember 2024 base bethweswa ngokusemthethweni la macala.

UNdlovu ungaphandle ngebheyili ka-R100 000 kanti asolwa nabo bona bangaphandle ngeka R50 000.

UNdlovu uyaziwa ngokudidiyela imidlalo kamabonakude okubalwa kuyo iMuvhango, My Brothers Keeper, Umkhokha, Imbewu, Sibongile And The Dlaminis neminye.

Sekuyindaba esegudwini ukuthi iningi laleli midlalo sekuphelile noma sekuyaphela ngayo kumabonakude.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...