
KUFUNWA owesifazane waseMalawi oyisisebenzi sasendlini osolwa ngokweba imali nobucwebe obungabiza imali elinganiselwa ku-R1 million emzini othile eThekwini.
Ngokusho kwesisulu esingumqashi wakhe, lo wesifazane waziwa ngoFatima Lawerence, kanti ubuye azibize ngo-Esther. Kuthiwa uneminyaka ewu-25 futhi uhamba nendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu.
Ngokombiko weReaction South Africa (Rusa), ubucwebe obebiwe obuningi babo yigolide, namaKruger coins. Kuthiwa lobu bucwebe busho lukhulu kulo mndeni njengoba budluliselwa ezizukulwaneni. Imali yona entshontshiwe kuthiwa iwu-R10 000.
Kuthiwa uLawerence ubesesebenzele lo mqashi iminyaka eyisikhombisa. Kusolwa ukuthi kungenzeka ukuthi usemizamweni yokubalekela kwelakubo eMalawi. AbeRusa banxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uLawerence ukuba axhumane nabo ku-086 1234 333.







