Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kufunwa owaseMalawi ngokwebiwa kobucwebe nemali

Kufunwa owaseMalawi ngokwebiwa kobucwebe nemali

by | 13 July 2026

KUFUNWA owesifazane waseMalawi oyisisebenzi sasendlini osolwa ngokweba imali nobucwebe obungabiza imali elinganiselwa ku-R1 million emzini othile eThekwini.

Ngokusho kwesisulu esingumqashi wakhe, lo wesifazane waziwa ngoFatima Lawerence, kanti ubuye azibize ngo-Esther. Kuthiwa uneminyaka ewu-25 futhi uhamba nendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu.

Ngokombiko weReaction South Africa (Rusa), ubucwebe obebiwe obuningi babo yigolide, namaKruger coins. Kuthiwa lobu bucwebe busho lukhulu kulo mndeni njengoba budluliselwa ezizukulwaneni. Imali yona entshontshiwe kuthiwa iwu-R10 000.

Kuthiwa uLawerence ubesesebenzele lo mqashi iminyaka eyisikhombisa. Kusolwa ukuthi kungenzeka ukuthi usemizamweni yokubalekela kwelakubo eMalawi. AbeRusa banxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uLawerence ukuba axhumane nabo ku-086 1234 333.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...