
BAKUFANISE nokuphuma eGibhithe ezweni lobugqila, bangena eKhenani ezweni lenjabulo njengokombhalo wencwadi engcwele iBhayibheli, abantu baseMvutshini, eNtingwe, eNkandla, kuvulwa isihlanzamanzi esakhiwe ngemali elinganiselwa ngaphezulu kuka-R94 million.
Ingaphezulu kuka-4 500 imizi ezohlomula ohlelweni lokuphakelwa kwamanzi olwethulwe ngoLwesihlanu, nguMnu Skhumbuzo Dlamini oyiMeya yaseKing Cetshwayo, ithimba leziphathimandla zikaMasipala awuholayo, nowaseNkandla kuyovulwa lesi sakhiwo.
Lo mcimbi ubusiswe wukuhanjelwa ngamakhosi ezizwe, izinduna nezinye izicukuthwane zemikhakha eyahlukene, okubalwa kuzona nosomabhizinisi. Ithula inkulumo yayo imeya, igxeke umkhuba wokuzixhumela amanzi ngokungemthetho. Ithe lokhu kubuyisela emuva umsebenzi owenziwe wuhulumeni.
“Kuyakhathaza ukuthi kube nabantu abathi uma bebona ipayipi lidlula ngakubona, bese belibhoboza, bazidonsele ngokwabo amanzi ngaphandle kokufaka isicelo. Bakhona abantu abaqashelwe ukusiza abasuke befuna ukufaka amanzi emakhaya abo.
“Ukuvulwa kwalesi sakhiwo kusho ukuxazululwa kwenkinga obese kuphele isikhathi eside ibhekene nomphakathi. Sizocela nakubona abaholi bomphakathi, ikakhulukazi amakhosi nezinduna, ukuba bayivikele le ngqalasizinda,” kusho uDlamini.
UMnu Nhlanhla Biyase oyilungu lomphakathi, uthe kube yintokozo kubona ukuvulwa kwalesi sakhiwo.
“Kudala sikhala ngenkinga yokungabi khona kwamanzi lapha endaweni. Lapha eNkandla izindawo eziningi zinawo amanzi angaphansi komhlaba, kodwa kudingeka umasipala ulethe izinsiza zokuwadonsa, anikwe abantu. Ingaphezulu kuka-15 iminyaka sibhekene nenkinga yokuhamba amabanga amade uma siyofuna amanzi. Siyakubonga okwenziwe wumkhandlu iKing Cetshwayo ngoba kuchaza ukuthi sikhululekile thina osizini ebesibhekene nalo,” kusho uBiyase.
Emuva kokuba sekuvulwe lesi sakhiwo, imeya ihole ithimba layo, yayohlangana namalungu omphakathi emhlanganweni obuhlelwe yilo mkhandlu ngaphansi kohlelo lokubuyekezwa kwentuthuko.
Nakhona enkundleni yezemidlalo, amalungu omphakathi anikwe ithuba lokuveza imibono yawo, aphinde ethule izikhalo zawo. UDlamini ube esenikezela ngezinsiza-kusebenza kosomabhizinisi abasafufusa. Phakathi kwezinsiza ezikhishiwe, kubalwa izithombo zezitshalo, imbewu eyahlukene, amasaka nezitsha zokukhuliswa nokunakekelwa kwamachwane ezinkukhu nokunye okuningi.







