Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kunconywe amagalelo kaMfundisi OT Dlamini evaleliswa

Kunconywe amagalelo kaMfundisi OT Dlamini evaleliswa

by | 3 September 2025

UCHAZWE njengesibani ebesikhanyisela umphakathi wonke uMfundisi Olga Tho-bile (OT) Dlamini, webandla lamaWeseli (Methodist Church of Southern Africa), eNdulinde Circuit 716, obevaleliswa ngemuva kweminyaka ewu-34 engumfundisi.

Indumezulu yomcimbi wokumvalelisa, ibeseSibusisiwe Hall, eMandeni, izolo ngeSonto, izinyaziswe ngamakholwa, abefundisi nababhishobhi bamabandla ehlukene amaKhrestu. UMfundisi Dlamini uveze izingqinamba nezinselelo ohambweni lakhe lwasebufundisini.

“Ngaba ngumfundisi wokuqala wesifazane eMlazi. Abantu babengakholwa ukuthi ipulpiti kungaba ngelabantu besifazane. Ngangigibela ikhumbi, abantu bekhuluma zonke izinto ezehlukile ngami, kodwa ngangazi ukuthi ubufundisi buwubizo kimi ngoba ngaqala ukuthanda ukuba ngumfundisi ngisakhonza eSheshi (Anglican Church of Southern Africa).

“Ngibe yilungu le-Aids Council eMlazi, sivakashela emizini enabantu abahaqwe yingculaza, ngihamba noMbhishobhi uMandindi,” kuchaza uMfundisi Dlamini.

Uthatha umhlalaphansi nje uMfundisi Dlamini, ubephethe iNdulinde Circuit njengoMengameli wayo. UMbhishobhi uLinda Mandindi ophethe amaWeseli KwaZulu-Na-tal, ukujabulele ukusebenza noMaS’khosana Dlamini, wathi uma enikwe umsebenzi ubegxuma ahlale, asebenze ngokukhulu ukuzimisela.

“Ukhethwe waba ngumphathi wabashumayeli emazweni awu-6 ase-Afrika eseningizimu, wasebenza waba yisibonelo esihle kwabaningi. Ukhombise ubuholi obuyisimanga futhi esebenza ngobuqotho,” kuchaza uMbhishobhi uMandindi.

USolwazi Otty Nxumalo wethule ibhuku alibhalile ngempilo kaMfundisi Dlamini, nangohambo lwakhe ebufundisini. Kugqame ubunye ngesikhathi uMfundisi Dlamini evaleliswa njengoba abefundisi bamahlelo ehlukene amaKhrestu bebephume ngobuningi, nezinhlangano ezingayenzi inzuzo nezemikhuleko, bezilokhu zibabaze njalo, zitusa amagalelo kaMfundisi Dlamini.

UMbhishobhi wamaLuthela, uMusawenkosi Myaka, ekhuluma egameni leKZN Churches Council, uthe basazomdinga uMfundisi Dlamini, basazosebenza naye. Umsakazo uKhozi FM lapho uMfundisi Dlamini, eshayela khona uhlelo lukasontosikole, oluthi, “Vumelani abantwana beze kimi”, ubonge kakhulu kuyena.
Izipho nemali bekungena kungenile, abantu bebonga.

IPhini likaNgqongqoshe we-zeMfundo epha-keme uDkt Nomusa Dube-Ncube, nguyena owethule inkulumo yosuku ephahlwe nguNkk Weziwe Thusi osesigungwini se-ANC Kwa-Zulu-Natal. Naye uhambe emazwini abaningi, encoma amagalelo kaMfundisi Dlamini, wathi: “Sikhule sibukela kuye uMfundisi OT KwaMashu. Bekugingqika izimoto eDuffs Road ngaKwaMashu, uMfundsi OT nabanye abaholi bezenkolo bahamba bayokhuleka, zaphela izingozi kuloya mgwaqo.

“Ngiyavumelana nabathi qhubeka usebenzele umphakathi. UNkulunkulu akubusise, uphile. Akuqinise, uhlale umuhle njalo nje,” kusho uDkt Dube-Ncube.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...