Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ibijabula nomndeni wayo inyanga isocongwa ngoyaba lwezinhlamvu

Ibijabula nomndeni wayo inyanga isocongwa ngoyaba lwezinhlamvu

by | 25 October 2025

KUBIKWA ukuthi bekuyisikhathi senjabulo phakathi kwayo nomndeni inyanga edumile yaKwaMhlabuyalingana edlule emhlabeni ngokudutshulwa izolo ngoLwesihlanu ebusuju. 

UMnu James Mthembu odume ngelikaGodo Olulala Amankankane ubehleli nomndeni ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi, emzini wakhe osePhalandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

Umufi ubengumelaphi owaziwayo futhi esekhaleni lokulwisana nobugebengu okubalwa kubona nokuhlukunyezwa kubulawe abantu abaphila nebala elimhlophe ngoba kunenkolelo yokuthi igazi labo lisetshenziselwa ukuthaka imithi yobumpunyela. 

Ubeyinyanga eyaziwayo futhi enamakhosikazi angaphezulu kweshumi nezingane ezingaphezulu kuka-50. 

Ngokwesitatimende esikhishwe wumndeni umufi ube ezihlalele nomndeni wakhe, okuthe kusenjalo kwafika owesilisa osemncane, wavulela ngezulu lezandla ebhekise kuyena. 

“Ubaba wethu ubengubaba nakwabanye abantu esifundazweni nakuzwelonke. Udutshulwe ngehora le-20:30. Sicela abantu bezinkundla zokuxhumana bangasebenzisi ukufa kwakhe njengethuluzi lokuqhuba ibhizinisi labo,” kusho isitatimende.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...