Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ibijabula nomndeni wayo inyanga isocongwa ngoyaba lwezinhlamvu

Ibijabula nomndeni wayo inyanga isocongwa ngoyaba lwezinhlamvu

by | 25 October 2025

KUBIKWA ukuthi bekuyisikhathi senjabulo phakathi kwayo nomndeni inyanga edumile yaKwaMhlabuyalingana edlule emhlabeni ngokudutshulwa izolo ngoLwesihlanu ebusuju. 

UMnu James Mthembu odume ngelikaGodo Olulala Amankankane ubehleli nomndeni ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi, emzini wakhe osePhalandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

Umufi ubengumelaphi owaziwayo futhi esekhaleni lokulwisana nobugebengu okubalwa kubona nokuhlukunyezwa kubulawe abantu abaphila nebala elimhlophe ngoba kunenkolelo yokuthi igazi labo lisetshenziselwa ukuthaka imithi yobumpunyela. 

Ubeyinyanga eyaziwayo futhi enamakhosikazi angaphezulu kweshumi nezingane ezingaphezulu kuka-50. 

Ngokwesitatimende esikhishwe wumndeni umufi ube ezihlalele nomndeni wakhe, okuthe kusenjalo kwafika owesilisa osemncane, wavulela ngezulu lezandla ebhekise kuyena. 

“Ubaba wethu ubengubaba nakwabanye abantu esifundazweni nakuzwelonke. Udutshulwe ngehora le-20:30. Sicela abantu bezinkundla zokuxhumana bangasebenzisi ukufa kwakhe njengethuluzi lokuqhuba ibhizinisi labo,” kusho isitatimende.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...