Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa ukwehluleka ukuphatha kuxoshwa imeya yaKwaDukuza

Kusolwa ukwehluleka ukuphatha kuxoshwa imeya yaKwaDukuza

by | 3 July 2025

NGUMNU Ali Ngidi obeyimeya yakwaDukuza.

KUSOLWA ukungaphathi ngendlela njengembangela yokushenxiswa kweMeya yaKwaDukuza uMnu Ali Ngidi, nesekela lakhe uMnu Njabulo Cele ezikhundleni zabo yithimba eliqokwelwe ukulungisa izinto kwi-ANC KwaZulu-Natal, iProvincial Task Team (PTT).


“Izolo (ngoLwesithathu) kube khona umhlangano we-ANC lapho betshelwe khona ukuthi bayasuswa ezikhundleni. Ngisho onogada babo bese bezihambisile izimoto zomkhandlu,” kusho umthombo.


UNgidi noCele bangene ezikhundleni zabo ngoLwezi (November) wonyaka odlule. Lo masipala uke waba sematheni ekuqaleni kwalo nyaka kuvela ezithi kunyamalale u-R37 million esikhwameni sawo, yizwe kwathiwa ingxenye yawo enkulu itholakele, yabuyiselwa esikhwameni. Kuphinde kwasuka umsindo ngemali elinganiselwa ku-R1 million okuthiwa beyichithwa yimeya ukuqasha izimoto, ngoba ingafuni ukusebenzisa ebezisetshenziswa yimeya eyandulele.


I-DA kulo masipala ithi liphume nobomvu ngoNgidi njengoba imchaze njengomuntu obezithwele, engundlovukayiphikiswa futhi engabakhathalele abantu abeqokelwe ukuba abasebenzele, okuwumphakathi.


“Kusukela ngosuku lokuqala nje, uNgidi ukwenze kwacaca ukuthi akanazinhlelo zokusebenzisana nabanye abantu. Abekwenza ubebeke eqhulwini ukuthi kuqgame yena, yize lokho bekukhinyabeza ukusebenza kukamasipala,” kusho uNkk Privi Makhan, ongumholi weDA kulo masipala.


Okhulumela uMasipala waKwaDukuza uMnu Sifiso Zulu uthe bewumasipala akukho obekusafikile kubona mayelana nokuxoshwa kwemeya.


“Akukho ebesisakutholile thina. Uma iqembu labo linquma ukubakhipha ezikhundleni, kumele libhalele i-IEC nemenenja kamasipala incwadi ngokusemthethweni, bese licacisa ngokuzokwenzeka ukuya phambili,” kusho uZulu.

UMnu Mike Mabuyakhulu, ohola uphiko kwePTT lwe-ANC esifundazweni, uthe laba bobabili bazoqhubeka nokuba ngamalungu omkhandlu, ngaphandle kwezikhundla. Uthe i-ANC izoxhumana nezinhlaka zayo, izazise ngokuzokwenzeka mayenala nokuvalwa kwezikhala ezivulekile.

Uveze nokuthi bafuna zisheshe ziphothulwe izinhlelo zophenyo ngezinto uNgidi noCele abasolwa ngazo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...