Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Limgojele owabulala abawu-9, efuna umazisi wakhe

Limgojele owabulala abawu-9, efuna umazisi wakhe

by | 27 March 2025



LIMGOJELE owesilisa wakwa-Q, eMlazi, icala lokubulala abantu abawu-9, kuyo le ndawo, ezigamekweni ezenzeka esikhathini esiyizinsuku ezimbili ngo-August ka-2023.

USiphamandla Dlomo (25), ubevele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho ijaji
uSophia Steyn ekhiphe khona isinqumo, lamlahla ngecala njengoba kuthiwa wabulala uMlungisi Zuma, uPhakamani Sibusiso Dlamini, uMaxwell Bankeni Sibisi, uReginald Bongimpilo Ngema, uThabani Vincent Ngcobo, uMichael Mhlengi Khathi, u-Ayabonga Mbayise, uSifundo Sibusiso Dlamini no-Sifiso Alex Cele.

Phezu kwala macala, uDlomo unamanye amathathu okuzama ukubulala, nelilodwa lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, okwenza abe namacala awu-14.
Phakathi kwezisulu ezabulawa, ezine zingama-lungu omndeni walowo owayeyilungu lesigu-ngu esibhekelele ukuphepha komphakathi eMlazi, uMnu Phiwayinkosi Sibisi, owathola umazisi kaDlomo eduze kwezidumbu ezintathu ezatholakala khona eMlazi ngoMashi 2023.

Ngosuku olulandela elokubulawa kwalaba abathathu, uSibisi wathola umazisi kaDlomo, okwathi uma emshayela ucingo, embuza ngawo, wamphendula ngokuthi usendlini ayehlala kuyo, okuyilapho anquma khona ukuwuhambisa emaphoyiseni.

Ijaji lithe uDlomo wehlulekile wukuhlinzeka inkantolo ngezizathu eziphathekayo ezinga-mhlanganisi necala. Lathi ofakazi bombuso bethule amaphuzu abambekayo nayiqiniso ayamanisa uDlomo necala. Phakathi kwalab' ofakazi kubalwa uNkz Zandile Shangase owayeyintombi kaSibisi, owayekhona endlini okwabulawa kuyo amalungu omndeni wakwaSibisi.

Ebufakazini bakhe uNkz Shangase, utshele inkantolo ukuthi kwakuhambe ugesi ngabo-8 ebusuku ngesikhathi behlaselwa. Uthi wakwazi ukuqaphela izwi likaDlomo, owayehlasela, ngoba wayelazi. Uthi ubufakazi bokuthi nguye, bagcwaliseka ngesikhathi eseshisa umbhede owawusekamelweni yena ayecashe kulo, ilangabi lomlilo lamkhanyisa wakwazi ukumbona ebusweni.

Uthi wabe esevula uwodilophu wapequlula, etshela ayehamba nabo ukuthi ufuna umazisi wakhe, agcina engawutholanga. Ubufakazi bukaNkz Shangase buhambisane nobukaSibisi, olandise inkantolo ngokuthi phakathi kwezidu-mbu athola eceleni kwazo umazisi kaDlomo, kwakukhona nesikaMnu Sandile Ngcobo owayekade ehilizisane nommangalelwa, bebanga udaba oluthinta ukufa komuntu.

Uthi naye wambona uDlomo ngosuku lwesigameko, wamtshela ukuthi uzofuna umazisi wakhe ngaphambi kokuba babange isibhamu esasiphethwe ngummangalelwa.
Ethula isinqumo sakhe uSteyn, uthe akasiboni isizathu sokuthi bonke ofakazi bombuso banganinda ummangalelwa ngecala angalazi, futhi bakhulume into efanayo.

Usole uDlomo ngokungathembeki njengoba ubufakazi bakhe bokuphika icala bebungaqo-ndile, futhi ehluleka nawukuphendula eminye yemibuzo abeyibuzwa yijaji nomshushisi.

"Ummangalelwa ukhombise ngokusobala ukuthi akanalo iqiniso ngesikhathi ethula ubufakazi. Isibonelo nje, uthi wayengekho endaweni yesigameko, ehlezi nabanye abantu bezijabulisa, kodwa wehluleka ukubalanda bazofakaza ukuthi babenaye ngosuku lwesiga-meko. Ngakho ubufakazi bukammangalelwa ngiyabuchitha, ngamukela obombuso. Ummangalelwa ngimthola enecala kuwona wonke amacala ewu-14 abekwe wona," esho.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...