Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-Action SA ifuna uvezwe obala umbiko ngolwasePhala Phala

I-Action SA ifuna uvezwe obala umbiko ngolwasePhala Phala

by | 29 April 2025

I-ACTION SA isifake isicelo isebenzisa umthetho i-Promotion of Access to Information Act, ukuba kuphoqwe i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ukudedela umbiko wayo ngokwebiwa kwezizumbulu zamadola aseMelika ephulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa iPhala Phala.

Phambilini uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Willies Mchunu wathi lo mbiko uqukethe ulwazi olubucayi, ngakho-ke ngeke uvuleleke emphakathini.

Ngokwemigomo elawula ukusebenza kwePhalamende, phakathi kwezinto okuthiwa zingenza umbiko ugcinwe uyimfihlo wukuthi ungaholela ekuqubukeni kwempi, nasekulimaleni kobudlelwano namanye amazwe.

I-Action SA ithi kwalona iPhalamende kalikho ngaphezulu komthethosisekelo wezwe.

“Kuyishwa ukuthi abahlali naseNingizimu Afrika kubukeka sengathi baphindwa wokwabehlela, lapho ongqongqoshe bamaphoyisa kubonakala sengathi baxhaphaza amandla omthetho ukuvikela omengameli, lapho ngisho o-swimming pool kuthiwa ngabokucima umlilo,” kusho isitatimende se-Action SA,” esho.

Lokhu kuza ngemuva kokuka uMvikeli woMphakahi u-Adv Kholeka Gcaleka neSouth African Reserve Bank bekhiphe imibiko yokuthi kabatholanga lutho olungalungile olwenziwa uRamaphosa kulolu daba.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...