Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubhungwe ngezindlela zokubhekana nezinhlekelele zesimo sezulu eKZN

Kubhungwe ngezindlela zokubhekana nezinhlekelele zesimo sezulu eKZN

by | 20 August 2025

KUBHUNGWE kabanzi izinkinga namasu okubhekana nezinhlekelele ezidalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu KwaZulu-Natal.

Umkhandlu owaqokelwa ukululeka ukuthi kungabhekanwa kanjani nesimo sezulu – esidlula nemiphefumulo yabantu, sicekele phansi nengqalasizinda – elihlanganise osolwazi, abacwaningi nabeluleki bezomnotho, belihlangene emahhovisi kahulumeni eMayville, eThekwini kudingidwa lolu daba.

Lo mhlangano uqalwe ngoLwesihlanu waphethwa ngoMgqibelo. Ikhabhinethi kandunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli, ibihambisana naye kulo mhlangano.

“Sesithule umkhandlu ozosicebisa ukuthi singabhekana kanjani nenkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu, ukuze uma sibhekana naso, sibenendlela yokuvikela umnotho nengqalasizinda.

“Siphila esikhathini esinzima kakhulu sokuhlaselwa wukuguquguquka kwesimo sezulu, lapho kudaleka izinhlekelele, kufe nabantu. Nomnotho uyashayeka uma sesilinyalelwa yingqalasizinda,” kusho uNtuli.

Uthe maningi amazwe abhekene nale nkinga.

“Umengameli wezwe (uMnu Cyril Ramaphosa) naye useyisungulile ikhomishini ebhekelele isimo sokuguquguquka kwesimo sezulu. Lo mhlangano wethu sifuna uqhamuke nezixazululo zokuthi singayithathaphi imali yokuxhasa izinhlelo zokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu.

“Njengamanje siphezu kwamaqhinga okuthi sizolwa kanjani nale nkinga,” kusho uNtuli.

Uveze ukuthi lo mhlangano ulungiselela imbizo yamazwe, okuzobhungwa kuyona ngale nkinga. Osolwazi basezikhungweni zemfundo – okubalwa i-University of KwaZulu-Natal, iMangosuthu University of Technology ne-University of Wirwatersrand – bebeyingxenye yokwethula ucwaningo ngalesi simo sokuguquguquka kwesimo sezulu.

Bekukhona nabehhovisi likaMengameli Ramaphosa.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...